UKHALA ezimathonsi umvangeli webandla lamaNazaretha ethempelini eMbonisweni, KwaMashu, othi uboshelwe amanqina enyathi waxoshwa ethempelini esolwa ngokuhlambalaza uMfundisi omkhulu uMdletshe emaphephandabeni.
UMvangeli Mzizi uthi waziswe kuleli sonto ukuthi akasadingakali ethempelini ngezinsolo angazazi.
“Kumanje kuyachwaza KwaMashu, emva kokusabalala kwezindaba zokuthi sengixoshiwe ethempelini. Ngisolwa ngento engingayazi ngoba kuthiwa mina ngihlambalaze umfundisi uMdletshe emaphephandabeni. Isimemezelo sokuthi angidingeki ngisithole kuleli sonto kwathiwa yisinqumo esithathwe wubaba uNyazilwezulu. Anginasiqiniseko sokuthi ngempela ubaba ukushilo yini lokho kodwa ngitshelwe kanjalo.
“Ingiphethe kabuhlungu lento ngoba angikaze ngimhlambalaze umfundisi Mdletshe. Engikwaziyo ukuthi ngahlukumezeka ethempelini akulona. Esibonakalisweni ngaze ngaxoshwa kulona. Lokho kwangiphatha kabuhlungu kangangoba ngaze ngalaliswa esibhedlela nginokhwantalala. Ngithe uma sengibuya ngayokhonza eMbonisweni, lapho okuthiwe nakhona angisadingeki,” kusho umvangeli Mzizi.
Okhulumela amaNazaretha ngaphansi kobuholi benkosi uMduduzi Shembe uNyazilwezulu, uMnuz Thokozani Mncwabe uthe umuntu akaxoshwa kanjalo ebandleni.
“Uma kungukuthi akukho cala elihlalile kwaqulwa icala lakhe uMvangeli Mzizi akaxoshiwe. Ukusabalalisa izindaba zokuthi uxoshiwe kuyindlela nje yokumethusa. Okwesibili ubaba uNyazilwezulu aluxoshi muntu ebandleni. Uma kungukuthi udaba lwakhe belubikwe kubaba ubengeke athathe isinqumo engambizanga ukuzozwa uhlangothi lwakhe. Okunye ukuthi nokuxoshwa akusona isinqumo okufinyelelwa kalula kusona, mhlawumbe ukube bekuqulwe icala ubengagcina ehlawulisiwe noma imbuzi uma kungukuthi utholakale enecala,” kuchaza uMncwabe.
Uthe nodaba alufelayo uMzizi uyalwazi walubona ephephandabeni, akukho lapho kwavela khona igama lakhe ehlambalaza umfundisi Mdletshe.
UMncwabe uthe akekho umuntu onelungelo lokuxosha umuntu kwaShembe. Uveze ukuthi kwakhona ukuthi kuxoshwe umuntu ngaphandle komyalelo woNyazilwezulu kungukulibukela phansi, ngoba awukwazi ukuthi uyisihambi uphinde uxoshe esinye isihambi kwaShembe, ubaba wakhona engakhulumile, okuwuNyazilwezulu.