NKOSIKHONA CELE
KUVELA ukuthi lihlukene phakathi ibandla lamaLuthela eDayosini iSouth Eastern eholwa nguMbhishobhi Nkosinathi Myaka ngemuva kwesigameko esishaqisayo okuthiwa senziwe uMfundisi waleli bandla esizindeni sebandla esiseMphumulo, KwaMaphumulo ngeledlule.
ISolezwe Ngempelasonto lithole ukuthi uMfu Scelo Zulu nabanye besilisa abane babulale ilungu laleli bandla, uMnuz Thamsanqa Zulu (37), elekelelwa ngamalungu omphakathi njengoba kuthiwa leli lungu lebandla bebelisola ngokugqekeza isakhiwo sebandla.
UThamsanqa kuthiwa ushaywe nabesilisa abane abesolwa nabo. Kuvela ukuthi ushaywe waze wazonela. Ngemuva kwalokhu, uMfundisi umphoqe ukuba akufake emlonyeni lokhu abese ekuthululile.
Ngabo lobo busuku kuvela ukuthi UMfu Zulu ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela nalaba abane okukholakala ukuthi bebemlekelela ukushaya ilungu lebandla.
Umthombo ongaphakathi ebandleni uveza ukuthi uZulu ubephambili eqongqotha umzalwane ngesagila kwaze kwaba kuyamenela.
Umthombo uthi abakubonile bayokuxoxela amagwababa echobana.
"Asikaze thina siyibone into enjeyana, umuntu ozibiza ngoMfundisi ebulala sibuka,'' kubabaza ilungu lebandla.
Ngosuku lwesigameko kuvela ukuthi kubonakale owesilisa ehamba ngaphakathi egcekeni lebandla. UMfu Zulu kuthiwa akabuzanga lutho wabiza abanye abantu baqonda kulo wesilisa bamngenela ngenduku nangezagila waphelela khona lapho.
"Kwale ngisho esecela uxolo esho ukuthi ukhonza khona ebandleni, uZulu wathi makashaywe abulawe ngoba vele uyisela,'' kuqhuba umthombo.
Umthombo uthi lesi sehlakalo sesilihlukanise phakathi ibandla njengoba kukhona abasola uZulu ngokukhombisa unya ekubeni kukhona abanye abamesekayo.
''Kumapeketwane. Sibucayi ngempela isimo lapha ebandleni. Lento asazi ukuthi izolithatha ilibeke kuphi ibandla. Lihlukene phakathi lokhu kwangempela,'' kulandisa umthombo wangaphakathi.
Omunye umthombo uthe kuyimanje kumele kuqhubeke amalungiselelo omngcwabo kodwa akwaziwa ukuthi yimuphi umfundisi wamaLuthela ozoba nesibindi sokuzongcwaba isidumbu esikhishwe yibona.
"Umbuzo phela uthi bazomngcwaba kanjani umuntu obulewe yibona? Bazoshumayela bathini phambi kwabantu? Bazokhuluma ngamuphi uNkulunkulu phambi komndeni kamufi,'' kuqhuba lo mthombo.
Lithintwa ilungu lakubo kukamufi elicele ukuba kugodlwe igama lalo, lithe kube buhlungu okwenziwe kumufi, ikakhulukazi kwenziwa uMfundisi.
Ethintwa uMbhishobhi uMyaka, uvumile ukuthi isehlakalo senzekile. Uthe kodwa akanalo ulwazi olugcwele lokuthi kwenzekeni.
"Kuyimanje ngisaya khona ngiyohlangana nabo. Ngicabanga ukuthi yima ngizothola kahle ukuthi kwenzekeni. Okudala ukuthi ngingazi kahle wukuthi ngishonelwe ngimatasa namalungiselelo omngcwabo wasekhaya,'' uphendule kanjena.
Ubuye wathumela umyalezo obuthi: “Mhlonishwa, ungadinwa mayelana nodaba obufisa ngiphawule ngalo, anginayo imininingwane ngalo okwamanje.”
Kuthiwa njengoba kusondela uNovemba nje, okuyinyanga yokushintshwa kwabefundisi kumaPherishi, kukhona abafuna ukuthi uZulu asuswe kwiPherishi yaKwaMaphumulo.
NgoLwesihlanu uZulu uvele enkantolo yaKwaDukuza nabanye abane okukholakala ukuthi bamlekelela ngesikhathi kubulawa umzalwane webandla.
Leli bandla ngaphambilini lake laba sematheni ngemuva kokuba kuvele izindaba zokuthi "kuduke'' izindodla zezimali zebandla ngendlela engaqondakali.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda ukuqinisekisile ukuthi kunowesilisa oshaywe wafa eMphumulo esakhiweni sebandla.
Uthe ababoshiwe baneminyaka ephakathi kuka-27 no-39 ubudala.
Uthe amaphoyisa aKwaMaphumulo aphenya icala lokushaya nokubulala.