KUTHIWA ubenamadoda amabili owesifazane waseMangamazini, eFolweni, okuthiwa uqotshwe yisoka lakhe, lambulala, ezintatha zangeSonto, limsola ngokulijolela.
Ngokuthola kweSolezwe, umufi uNksz Bongekile Mkhize (32) kuthiwa uhlaselwe umsolwa, uMnuz Mduduzi Masuku (32) ngesikhathi efika emzini wakhe nesoka lakhe elisha.
“Bebephuma kwaMax (eMlaza). Uthe evula isicabha umufi ngasohlangothini lomgibeli emotweni, wabe emhlasela ngocelemba umsolwa,” kusho umthombo.
Uthe isoka elisha, liphume lapho, labaleka.
Umthombo uveze ukuthi indodana kamufi (12) nowesifazane omsiza endlini, baphumele emnyango bezwa umufi ekhala.
“Bafice kukhala ubhushu, umsolwa egenca umufi, babaleka babuyela endlini,” kusho umthombo.
Udalule ukuthi okunye okuthiwa kudine umsolwa ukuthi isoka elisha likamufi belibuye limfonele limngcofe ngokuthi unenduku encane.
“Ubebuza ukuthi isoka likamufi elisha lazi kanjani ukuthi ubuntu bakhe buncane ngoba akakaze alikhumulele, umuntu amkhumulelayo uye (umufi),” kusho umthombo.
Isolezwe lithinta umfowabo kamufi, uMnuz Phindani Mkhize, uthe bewumdeni abayazi indaba yokuthi umufi ubebhangqe amadoda. Uthe kwayona indaba kamsolwa nomufi, yena njengomfowabo (kamufi) ubengayazi, wathi bona abakutholile ngesikhathi bephuthuma endaweni yesigameko emva kokushayelwa ucingo ingane kamufi, bathole ukuthi ubekade ezihambele nabangani.
“Emotweni ubenabangani bakhe ababili. Umbulali ubecashe ngama-blocks abekwe egcekeni,” kusho uMkhize.
Uthe ngesikhathi befika endaweni yesigameko bafice isimo esinyantisa igazi, umufi engasanyakazi.
“Ubenenhloso yokumbulala. Le nto uyihlele enesikhathi. Ubhushu ubewulolile. Ugence kulo lonke ikhanda. Ubevika ngezandla ngoba nazo ziphelile nezingalo. Kubuhlungu ngale ndlela,” kuzikhalela uMkhize.
Uveze ukuthi bekukhona izinsongo umsolwa azenze kumufi ocingweni.
“Ngesikhathi zasemini, umufi ehamba, uzamile ukuthi bakhulume kodwa umbulali wathi bazoxoxa esebuya. Sibone imiyalezo ocingweni ethi uyamphuzela (utshwala) futhi umlindile,” usho kanje.
Ukhale ngobudedengu kumufi, ngokungazithatheli phezulu izinsongo zikamsolwa zasemini.
“Ukube usitshelile singabafowabo, noma abikele amaphoyisa, besizofika, sibe baningi egcekeni, mhlawumbe ubengeke ambulale,” kubeka uMkhize.
Uthe ubengenalwazi lodlame phakathi kukamufi nomsolwa kodwa bathe uma sebebheka iselula, babona ukuthi bese zikhona izigxabano, eziqinisekiswe nangabangani bakhe, wathi umufi ubewuhlobo lomuntu wesifazane ozimele, wathi umsolwa akanalo ulwazi lokuthi ubesebenza kuphi.
Umsolwa, okuthiwa uzinikele emaphoyiseni ngalo usuku lwesigameko, uvelile eNkantolo yeMantshi yaseMbumbulu, izolo, ngecala lokubulala.
Engena ebhokisini labamangalelwa uqale waveza ukuthi akamdingi ummeli ngoba vele icala uzolivuma.
Ugcine eshintsha umqondo, ngesikhathi imantshi iveza ukuthi icala abhekene nalo libucayi, lidinga awazi umthetho uma ezozimela.
Lihlehlele uJanuwari 15, ukuze afake isicelo sebheyili.
Ubegqoke ijini emnyama nesikibha esimpunga. Ubebukeka ezingcolele, ebusweni, engakhombisi ukudinwa noma ukudangala.