UNDLUNKULU weSilo, uNtokozo Mayisela Zulu, ufake isicelo sokuvimba umshado weSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini noNdlunkulu uNomzamo Myeni.
UNdlunkulu uKaMayisela ufake isicelo esiphuthumayo eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, lapho efuna khona ukuthi kuvinjwe umshado weSilo ozokuba sekupheleni kwenyanga.
UNdlunkulu uKaMayisela ufuna ukuthi isicelo sakhe silalelwe ngoJanuwari 20, 2025.
Emaphepheni abonwe yiSolezwe Ngempelasonto, uNdlunkulu uKaMayisela uthe iMbube ayinalo ilungelo lokuthatha omunye undlunkulu ngoba yashada umshado omhlophe naye.
UNdlunkulu uKaMayisela uthe njengoba beshade umshado omhlophe umthetho kawuvumi ukuthi omunye wabo aphinde ashade omunye umuntu.
Ummeli kaNdlunkulu uKaMayisela, uMnuz Melusi Xulu weDonda Attorneys, ukuqinisekisile ukufakwa kwesicelo.
UNdlunkulu uKaMayisela neMbube bashada umshado omhlophe, ngo-2021, eNquthu.
IMbube ihlele ukugcagcelwa uNdlunkulu uMaMyeni, ekupheleni kwale nyanga.
Umgcagco uzoba ngoJanuwari 26, kuzoqala umkhehlo ngoJanuwari 24.