SIKHONJWE indlela isikhulu soMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi KwaZulu-Natal esithinteka enkohlakalweni yezigidi zamarandi.
Umnyango uxoshe umqondisi wophiko olukhipha amathenda othinteka enkohlakalweni ka-R1.1 billion.
Lesi sinqumo simenyezelwe izolo uMphathiswa wezemiSebenzi yoMphakathi, uMnuz Martin Meyer.
Lesi sikhulu umnyango ongazange usigagule ngegama, sisolwa ngokuba nesandla ekunikezweni kwenkampani eyodwa inqwaba yamathenda emnyangweni.
Inkampani ethintekayo kuthiwa yanikezwa amathenda angu-29 eminyakeni emibili eyedlule.
Amathenda anikezwa le nkampani kuthiwa angu-60% wesabelomali somnyango.
UMeyer uthe lokhu kusho ukuthi inkampani ethintekayo ibizitamuzela nje amathenda emnyangweni.
Isipheshethwa besikade silokhu sihamba uhlelo lokuqondiswa ubugwegwe, samiswa emsebenzini ngonyaka odlule.
UMeyer uthe eminye yemisebenzi ebalulekile obekufanele yenziwe yilesi sipheshethwa bekuwukuqikelela ukuthi awukho ugcobho uma umnyango unikeza izinkampani amathenda.
“Kepha ngoSepthemba kwavela okuningi okuphambene nomthetho obekwenziwa yilesi sikhulu ikakhulukazi okuthinta inkampani eyodwa. Kwavela ukuthi le nkampani ibibuye ilethe amaphepha angaphelele uma ifaka isicelo somsebenzi. Kwesinye isikhathi impahla eyayilethwa yile nkampani yayingafani neleyo eyayisuke ikhokhelwe umnyango.”
Umphathiswa uthe lesi sikhulu siphinde salahlwa nayicala lokwehluleka ukwenza uhlu lwawo wonke amaselula umnyango owathengela abasebenzi.
UMeyer uthe ngenxa yokungabi khona kohlu umnyango ugcine usuzithola ukhokhela amaselula angu-57 abantu abangasasebenzeli umnyango.
“Uphinde walahlwa nayicala lokuzinikeza amaselula amane. Umnyango ubulahlekelwa u-R192 000 njalo ngenyanga ngenxa yalokhu.”
UMeyer uthe bayakwamukela ukuxoshwa kwesikhulu.
“Okusijabulisa kakhulu ukuthi lusheshile uhlelo lokuqondisa ubugwegwe. Lolu hlelo ludonse izinyanga ezimbili kuphela, nokusho ukuthi sisheshe safika esiphethweni. Okunye futhi kulandelwe yonke imigomo. Isikhulu esithintekayo sinikeziwe ithuba lokuthi siziphendulele, sakhetha ukungazikhaleli ngesikhathi sekuthathwa isinqumo.”
Ziningi ezinye izikhulu zalo mnyango ezibhekene nohlelo lokuqondiswa ubugwegwe.
Emva kokungena kukaMeyer esikhundleni ngonyaka owedlule, kunenqwaba yezikhulu zomnyango ezamiswa emsebenzini.