LIWUKHOMBA egcekeni lakubo kayise womfundi umkhuba, uhlangothi lwakubo kanina, kulandela ukutholwa kwakhe edindilizile kubo ngeSonto.
U-Esihle Mhlongo (15) waseNtshanga, ngaseHammarsdale, kuthiwa utholwe eshonile kwenye yezindlu kubo kayise eNtukusweni, KwaXimba.
Ngokusho kukanina omncane, uNksz Nomvula Mhlongo, umufi ubelokhu ehleli kubo kayise, evakashile kusuka ngoNovemba, eqeda ukubhala izivivinyo zokuphela konyaka esikoleni.
Uthe ngeSonto bathole ucingo ebusuku, lubazisa ukuthi umufi utholwa engasanyakazi.
“Sithe uma sifika sathola ukuthi utholwe umzala wakhe endlini engulawondi engakaqali ukusebenza njengoba isakhiwa. Ubethule ethe du, ibhulukwe nesikhindi sakhe sangaphansi bekwehlisiwe kwabekwa emadolweni,” kusho uNksz Mhlongo.
Uthe bathole ukuthi ngezikhathi zasemini ngaphambi kokuthi kwenzeke isigameko, umufi uke wangabona ngaso linye noyise omncane, oze wamphusha, wawa kabi ekhishini.
“Kuthiwa ukhalile, wayobikela uyise obekhothakhothile. Uthe uma ebona ukuthi akasizakali, wedlulela kubabekazi wakhe onomuzi eduze kwakubo. Uzile wazokhuza umsindo, kwangathi uyadlula,” kubeka uNskz Mhlongo.
Uthe kube sekwenzeka lesi sigameko sokutholwa kwakhe esethuli ebusuku, wathi baxakwe ukuthi ngesikhathi umndeni wakhe ufika endaweni yesigameko, uyise kamufi omncane obekhona, uvele waphela emehlweni.
“Sihlale eside isikhathi kulindwe imoto yasemakhazeni. Kuthe uma isifikile, isisithatha isidumbu sika-Esihle, waqhamuka, wazibuzisa ukuthi yini kwenzekani lapha ekhaya? Lo mbuzo akazange awuphendulwe muntu,” usho kanjena.
Unxuse amaphoyisa ukuthi enze umsebenzi wawo ngesigameko ngoba kuningi abakusolayo ngokufa kwengane, wathi kabakholwa ukuthi izishonele, kanti nokwehliswa kwezingubo zakhe kwesingezansi, kwenza basole ukuthi udlwenguliwe.
Isolezwe lithole ukuthi kuleli khaya abantu abakhona emva kokudlula emhlabeni kukaninakhulu kamufi; nguyise okuthiwa uvame ukuziphuzela futhi obuye abe nokuthikamezeka okuncane emqondweni, okumhlasele sekukudala azala umufi; kube uyise omncane okusolwa ukuthi usebenzisa izidakamizwa, kanti uhlale engena ephuma ejele ngamacala ahlukene.
Omunye okhona umzala kamufi naye osafunda isikole, okunguye ozithele phezu kwesidumbu, ethi uyokhiya indlu.
U-Esihle ubephasele u-Grade 11 esikoleni iRietvallei Combined.
Isolezwe lithinta owomndeni kayise kamufi, uNksz Siza Mkhize, ubhoke ngolaka wathi bakhathele bona manje ukukhuluma ngalolu daba, wathi ngokomthetho abafune kukhuluma ngesigameko.
Wephucwe ucingo ngomunye womndeni ogqagqamuke wathi udaba lusemaphoyiseni.
“Bhalani lokho enithanda ukukubhala. Akukho thina esifuna ukukusho ngoba umndeni ka-Esihle usufinyelele esiphethweni sokuthi simbulele. Bhalani lokho enikufunayo ke, nihlukane nathi phansi,” kusho leli lungu, livala ucingo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseMsunduzi aphenya idokodo lokufa komuntu.
“Lokhu kuze emva kokutholwa kwesidumbu sentombazane (15) sinezibazi ezibonakalayo ngeSonto,“ kusho uConst Ngcobo.