UCHAZWE njengomuntu owalinganisa amaholo othisha kuleli, uSolwazi Sibusiso Bengu, njengoba othisha abamhlophe besilisa babehola kakhulu ukudlula bonke abezinye izinhlanga.
Lokhu kushiwo yiPhini likaNgqongqoshe lezeMfundo eyisiSekelo, uDkt Reginah Mhaule, oveze ukuthi uBengu owaba ngungqongqoshe wokuqala omnyama eMnyangweni wezeMfundo ngaphansi kukahulumeni wentando yeningi, nguyena owakha yonke imithetho ekhona manje kwezemfundo.
UDkt Mhaule uthe ngesikhathi uBengu ethatha izintambo kulo mnyango, iminyango yezemfundo yayihlukene kawu-19.
Uveze ukuthi kukhona owawumele abelungu, amaNdiya, amaKhaladi, kukhona owozimele geqe, okwakufaka nowaKwaZulu.
“Nemiholo yothisha yayingafani. Abesilisa abamhlophe babehola kakhulu, kulandele abesifazane abamhlophe. Abesilisa bamaKhaladi babehola eyabo imali, kulandele abesifazane bamaKhaladi. Abesilisa bamaNdiya nabo babehola eyabo imali, kulandele eyabesifazane bamaNdiya.
“Abesilisa abamnyama babehola kakhulu kunabesifazane abamnyama. Thina besifazane abamnyama sasihola imali encane kakhulu kunabo bonke othisha. Sayilwa noBengu le nto, samtshela ukuthi sifuna amaholo alinganiswe. Wakwenza lokho, kothisha abasha abase belandela, noma kuthiwa abaluphi uhlanga base behola imali efanayo njengoba namanje kusenzeka,” kusho uDkt Mhaule.
Ukusho lokhu izolo ekhuluma enkonzweni yesikhumbuzo kaBengu, ebiseShowe.
UBengu ufihlwa namhlanje enkonzweni yomngcwabo ezoba seNyuvesi yaseZululand.
Uhlonishwe nguMengameli Cyril Ramaphosa, ngesigaba sesibili somngcwabo kahulumeni.
UDkt Mhaule uncome amagalelo kaBengu, wathi umthetho wezikole wasungulwa nguyena.
“Ngifuna ukumazisa njengoba eselele namhlanje, ukuthi siyiphothulile eyezinguquko kwezemfundo ngezichibiyelo emthethweni okunomsindo ngawo kwezemfundo i-BELA. Kukhona abathi sifuna ukuqeda ngomthetho i-South African Schools Act, okungelona iqiniso kodwa sengeza kuwona.
“UBengu wavala induku, kodwa kwangashiwo ukuthi oqhubekayo nokuyisebenzisa uzothola siphi isigwebo. Manje i-BELA iyacacisa ukuthi wenziwani uma usasebenzisa induku ezikoleni. Iyaphela futhi nokuthi kuvinjwe abanye abafundi bangakwazi ukuyofunda ezikoleni ezithile ngenxa yolimi abalukhulumayo, ngokwe-BELA bazofunda noma ikuphi,” kusho uDkt Mhaule.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu, uncome iqhaza likaBengu, nangendlela ayenza ngayo izinto.
Umchaze njengomuntu owayenobuhlakani, owayehleli ebeke phambili lokho akholelwa kukhona.
UDkt Sibongeni Dhlomo owafunda KwaDlangezwa High, okuyisikole esasiphethwe nguBengu, umncome ngokuthi wayehlale ebafundisa ukuthi kumele baphendule ngezenzo zabo.
Owayekhulumela umengameli wezwe uMnuz Thabo Mbeki, uMnuz Bheki Khumalo, unxuse ongqongqoshe namaphini abo ukuthi bahloniphe abantu abasebenza nabo.
“Ngiyazinxusa lezi zikhulu ukuthi zihloniphe abantu abazisebenzelayo. Abangakhulumi noma yikanjani nabo. UBengu wayehlonipha noma ngubani.”
IPhini likaMengameli wezwe, uMnuz Paul Mashatiile, nguyena okulindeleke ukuthi athule inkulumo kahulumeni emngcwabeni kaBengu.