UMCULI wasoPhongolo, owasusa umsindo ngokuqumba phansi uBabes Wodumo, Que noMshayi&Mthela kwiBest Gqom kumaSouth African Music Awards ngo-2021, uNduduzo ‘Zinaro’ Ngema, ukhuza ibuye kulo mqhudelwano.
Nonyaka uZinaro (35) uqokwe emkhakheni weBest Kwaito lapho eqhathwe nengwazi uSbu MaLawyer, Abobhova, Taylor K noSykes obecula engomeni kaDlala Thukzin ethi iPlan.
Yize uZinaro ekujabulele ukukhethwa kwe-albhamu yakhe ethi Inzalo Yekwaito 2nd Half kulo mqhudelwano ohlonishwa kakhulu kuleli kodwa ugiye wabuya nganeno ngenxa yokugxekwa akuthola.
Uthe ukunqoba kwango-2021 akumnikezanga lolu dumo ayelulindele kodwa kunalokho kwamakhela isigcwagcwa esikhulu.
UZinaro uthe imibiko engemihle yemithombo yabezindaba nezinkulumo zabalandeli ezinkundleni zokuxhumana kwamenza wangabe esaqashwa emicimbini.
Uthe lokho kwamdalela ukhwantalala ngoba wayesephenduke inkomo edla yodwa ngenxa yokukhishwa inyumbazane.
"Kunemicimbi engangivamise ukunandisa kuyo ngaphambi kokuhlabana ngale ndondo kodwa okwathi ngingawina nje ngaphenduka iqaqa kubahleli bayo. Ngavele ngakhishwa ohlwini lwababezonandisa kuyo ngaphandle kwesizathu, lokho okwenza ngadla imbuya ngothi. Ngalamba," kusho uZinaro.
Uthe ubunzima ahlangabezana nabo baholela ekuphathweni ukhwantalala, waze wafikelwa nawusathane wokuyiphihliza nale ndondo nokuzibulala.
"Izinto zami zazimapeketwane. Lo mklomelo waphenduka isiqalekiso. Ngagcina sengehlelwe uthando lomculo, ngafuna nokuwuyeka phansi."
Echaza uthe kwathi ngo-2022 wahlangana nabeSpotless Worx SA neVirgin Music Group, okuyibo abamluleka kahle futhi bamlekelela ukuba akhiphe Inzalo YeKwaito 2nd Half.
"Yingakho ukuqokwa kwesibili kumaSama kubuyise ithemba. Empeleni ukuqala kabusha. Le-albhamu ibheka uhambo lwami, ukukhula nokukhuza ibuya emculweni engiwuthandayo. Ukunqoba nokwehlulwa akusho lutho, ngoba sengizizwa njengomnqobi vele ngoba ngibuye ngezinkani futhi nginomfutho."
Le-EP ibophele amanoni okubalwa kuwo ethi Mula nethi Akujulukwe.
UZinaro uthe umatasatasa uqopha iqophamlando elizokuthatha likubeke ngempilo yakhe ngoba kwaphoqeleka ukuba adayise inhloko emakethe ukuze akwazi ukuqongelela imali yokungena e-studio. Uthe ufuna le-documentary ikhuthaze namanye amaciko azizwa elahlekelwa yithemba kule ndima ukuba angaphonsi ithawula.
*Abanqobe kumaSama bazomenyezelwa emcimbini ngoNovemba 2, eGallager Convention Centre, eMidrand, eGauteng .