KUQHUME iqupha, kwandiza nezinhlamba emoyeni ebandleni leZayoni laseXobho, Ukukhanya Kwezizwe, ngesikhathi umholi webandla elazisa esepulpiti ukuthi uhlela ukuthatha unkosikazi wesibili.
Ngokuthola kweSolezwe Ngempelasonto uMfundisi Saziso Mchunu (46), wazise ibandla ngezinhlelo zakhe eqeda nje ukushumayela.
Kuthiwa okususe udungunyane ukuthi wenza isimemezelo nje, sekuphele isikhathi esingangezinyanga ezimbili umkakhe uNkk Nomaswazi Mchunu (umaCele), engabonwa enkonzweni.
Umthombo okhona ngaphakathi ebandleni uthi kube khona abazalwane abavele bamchapha ngenhlamba uMchunu abanye besho nokuzifikela kuyena mathupha bembuza ukuthi usithathaphi isibindi sokukhuluma ngendaba yesithembu engakaze akubhunge nekomiti eliphezulu lebandla.
"Kunezinsizwa ezimbili ezingabavangeli ezimane zaqonda ngqo kuyena, eyodwa yamsakaza ngempama kwase kusuka isidumo ebandleni ngoba kube khona abebengahambisani nesenzo salawa madoda kanti kukhona abanye abebevikela umfundisi,'' kuchaza umthombo.
Uqhuba uthi okubone ngeSonto uyokuxoxela amagwababa echobana, ibandla lihlukana phakathi ngenxa yesimemezo sikaMchunu.
Uveze ukuthi kube khona abanye abesilisa abaphuthume bayoshaya lawa madoda abeshaya uMchunu kwagcina sekudunyelwana ngesibhakela nokho yashesha yalanyulwa.
"Leya nto esiyibone yenzeka ibe yimbi kabi ngoba ithunaze isithunzi sebandla yasiqeda nje nya! Angazi ngempela ukuthi kuzokwenzekani ngemva kwale nto eyenzekile,'' kusho umthombo.
Kuvela ukuthi uMchunu ugcine ephuma ngesamagundane enkonzweni engasavalelisanga.
Ethintwa yiSolezwe ngeMpelasonto uvumile ukuthi kube khona isixakaxaka enkonzweni ngeSonto kodwa wathi akathandi ukwanda kabanzi ngaso.
Ebuzwa ukuthi ngabe ucabanga ukuthatha isithembu yini futhi yilokho yini okususe udunguyane enkonzweni? Waphendula ngokuthi ngokwazi kwakhe alikho icala uma indoda engumZulu icabanga ngesithembu.
Wathi kuyamxaka ukuthi kungani abazalwane bevuka umbhejazane uma ekhuluma indaba yesithembu.
Ebuzwa ukuthi uphi unkosikazi wokuqala waphendula ngokuthi akudingi intatheli lokho ngoba akalotsholwanga yiyona (intatheli). Ube esevala ucingo engakaqedi ukukhuluma nentatheli.
Unobhala webandla obuye abe ngumkhulumeli walo uMfu Zakhele Ngidi, uthe kuzoba nomhlangano uma kuqala unyaka wokubhunga ngokuthi ithini inqubekela phambili kulolu daba.
Uthe okubadidayo nabafuna izimpendulo ngakho kuMchunu ukuthi umshonisephi unkosikazi wakhe wokuqala ngoba akasalubhadi enkonzweni nje.
Isolezwe Ngempelasonto ligcine limtholile uNkk Mchunu wadalula ukuthi akuseko okumhlanganisa nebandla noMfu Mchunu ngoba ukhethe ukuhamba ngenye indlela ababengazange bavumelana ngayo ngesikhathi beshada ngo-2013.
Ubuziwe ukuthi iyiphi leyo ndlela ababengazange bavumelane ngayo ekuqaleni waphendula wathi : "Ngangingeke mina ngigane umuntu ozongifaka esithenjini, ngisizonda kabi. Mina ngiyayazi imigilingwane eyenzeka esithenjini lokho ngakubona ngoba ubaba wami wayenamakhosikazi amathathu. Ngakho angiyifuni into engeke inginikeze ukuthula enhliziyweni nasemphefumulweni wami,'' usho kanjena.
Ebuzwa ukuthi uhlela ukwenza njani futhi kungani engasalubhadi enkonzweni uthe okwamanje kukhona lapho asapholisa khona ikhanda. Uma kuqala unyaka uzocabanga kahle ngendaba yesahlukaniso.