UMELULEKI wezengqondo ozimele ozinze eGoli, oweluleka ngezothando, uNkk Nokwandla Dlamini ukhala ngokuthi ukungakwazi ukwamukelwa ukwaliwa ebantwini besilisa ngenye yezinto ezenza kwande izigameko zokubulawa kwabesifazane.
Usho kanje kulandela isigameko esenzeke eMzinto sokubulawa ngokugwazwa kukaNksz Nontobeko Cele ngoLwesibili, ebulawa yisoka lakhe uMnuz Sibusiso Ntaka, eligcine lizikhunga izolo ekuseni, emva kokusabalala kwe-vidiyo ayenze ngoLwesibili ntambama, eveza ukuthi usembulele.
UNkk Dlamini uthe inkinga enkulu eholela ekwandeni kwezigameko ezifuze lezi, wukuthi abantu abathandanayo, ikakhulu abesilisa banenkinga yokucabanga nokukholwa wukuthi baphethe umuntu abasuke bethandana naye ngoba nakhu basuke sebemenzele izinto ezehlukene ezinhle empilweni.
“Yilokho okudala ukuthi uma izinto sezingasahambi kahle nangendlela umuntu ayefisa ngayo, bese ebona sengathi impilo yakhe ngeke isakwazi ukuqhubeka ngaphandle kwalo muntu asuke ethandana naye, osuke emphoxile noma kukhona akwenzile wangakuthanda, njengokumjolela nokwehlukana naye.
“Konke lokho kungenxa yokuthi abantu bavele bazitshele ukuthi ubude besikhathi asihlale nomuntu nobuningi bezinto asuke esemenzele zona, kumnika igunya lokwenza noma yini ngaye, okwenza kwande izigameko ezinjena,” kusho uNkk Dlamini.
Eqhuba uNkk Dlamini wenkampani i-Community Links, abambisene kuyona nomyeni wakhe uMnuz Bakhe Dlamini, uthe into ezosiza ukunciphisa nokunqoba izigameko ezinjena, wukuthi uma umuntu kunento engamphethe kahle, athole umuntu amethembayo azokhuluma naye okuzomsiza ukwehlisa umthwalo.
“Uma kungekho umuntu omethembayo ozokhuluma naye, indlela engcono wukuxhumana nomeluleki wezengqondo oqeqeshelwe ukweluleka abantu abanenkinga osuke unayo ukuze ungathathi izinqumo ozozisola ngazo ngomuso,” kusho umeluleki.