NJENGOBA unyaka sesiwuphetha kuningi kakhulu okubonakale kwenzeka ezinkantolo ezahlukene zakuleli.
Isolezwe Ngempelasonto libuyekeza amacala agqamile, ikakhulu lawo abekade eqhubeka ezinkantolo zaKwaZulu Natal.
Libe yindaba egudwini icala labasolwa abayisihlanu eliqhubeka eNkantolo eNkulu yaseThekwini, ababoshelwe ukubulawa kukamrepha owayengaconsi phansi kubalandeli bakhe, uKiernan ‘AKA’ Forbes, nomngani wakhe omkhulu uTebello ‘Tib’ Motsoane.
Abasolwa kuleli cala nguMnuz Lindokuhle Thabani Mkhwanazi (30), Mnuz Lindani Zenzele Ndimande ( 35), Mnuz Siyanda Eddie Myeza (21), Mnuz Mziwethemba Harvey Gwabeni (36) noMnuz Lindokuhle ‘Lindo’ Ndimande (29).
Kuzokhumbuleka ukuthi iMantshi uMnuz Vincent Hlatshwayo yabanqabela ibheyili.
Sethusa abaningi isigameko sowesilisa okuthiwa washumpula ikhanda likaninakhulu maqede waligenda njengebhola.
UMnuz Thabo Ntokozo Nzimande (31) wakhalelwa ngamaSongo kaSigonyela icala lakhe liqhutshwa eNkantolo yeMantshi yasePinetown.
Uthweswe icala lokubulala ngesihluku uNkk Beatrice De Lange (80) esigamekweni okuthiwa senzeka ngoJuni nonyaka.
Washaya ungqimphothwe watshela iMantshi uWendolyne Robinson, ukuthi akasafuni ukufaka isicelo sebheyili.
Khona enkantolo yeMantshi yasePinetown, bekuqhubeka icala likathisha osolwa ngokudlwengula ephindelele abafundi abathathu egcekeni lesikole.
Enkantolo yeMantshi yaseNtuzuma kungene icala lowesilisa ongumpheki uMnuz Zimisele Dlulisa (29), okuthiwa waphahlaza ngesitini uNksz Mbali Makokone (29), owayeyintombi yakhe wase edla ukudla eceleni kwesidumbu kwaba sengathi akonakele lutho.
Isigameko kuthiwa senzeka eLusaka, eMaoti okuyilapho ababehlala khona bobabili.
Bekubanabantu ababhikishayo njalo ngaphandle kwenkantolo yeMantshi yaseMlaza uma kuvela uthisha ofundisa esikoleni esiseThekwini, obhekene necala lokudlwengula umfundi wentombazane ophila nokukhubazeka.
Lo mfundi kwavela ukuthi okwamehlela kwaholela ekutheni angabe esaba yingxenye yoMkhosi woMhlanga wakulo nyaka obuseNyokeni, KwaNongoma.
Ukunyamalala kukathisha wesifazane, uNkk Gugu Mchunu (50), obhekene necala lokusoconga umyeni wakhe kugcine sekuholela ekutheni inkantolo eNkulu yaseThekwini, ikhiphe incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe.
UNkk Mchunu usolwa ngokuba ungqondongqondo wetulo lokusocongwa komyeni wakhe uMnuz Jabulani Mchunu (54), owayesebenza eyisicishamlilo edepho yasePinetown, ngaphansi koMkhandlu weTheku.
UNkk Mchunu ungummangalelwa wesibili kuleli cala ngoba owokuqala kunguMnuz Lindani Phungula (30) onguBen 10, okuthiwa wayethandana naye futhi okusolwa ukuthi balihlela bobabili itulo lokusoconga umufi.
Umufi wahlaselwa wadutshulwa ngo-Ephreli 10, 2022, ngamadoda angaziwa esemzini wakhe oseMariannhill.
Kwasuka esinamathambo enkantolo yeMantshi yaseThekwini ngesikhathi kuvela iphoyisa loMkhandlu weTheku, uMnuz Sizwe Ngema (27) owabonakala kwividiyo egwaza ephindelela intombi yakhe, uNksz Bianca Khuzwayo (24).
Lesi sigameko kuthiwa senzeka eflethini ababehlala kulona eThekwini. Enkantolo kwasuka umsindo ngesikhathi izihlobo zikamufi zibuza abomndeni kamsolwa ukuthi zizofunani enkantolo?
Muva nje ukhale ngotshwala wathi yibona obamdukisa, usonhlalakahle uSithembile Nkosinathi Mthimkhulu (39) ngesikhathi iNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, imgweba odilikajele abayisithupha ngecala lokusoconga izihlobo zakhe eziyisithupha.
Esigamekweni esenzeka ngoFebhuwari 6, 2021 eNkanini, eShowe, uMthimkhulu kuthiwa wadubula wabulala uNkk Octavia Khumalo (65), Mnuz Christopher Khumalo (77), Nksz Mbali Khumalo (37), Thabo Khumalo (10), Nothile Sphelele Khumalo (17) no-Elihle Sigampu (8).
Elinye elibe sematheni ngelomengameli weSafa uDkt Danny Jordaan owavela eNkantolo yeMantshi ePalm Ridge eGoli, kulandela ukubekwa icala lokukhwaba nokuntshontsha imali engu-R1.3 million.
Kukhulunywe kakhulu ngecala eliqhubeka enkantolo yeMantshi yaseThekwini lephoyisa elisebenza esiteshini samaphoyisa saseCator Manor, eMayville uConstable Minenhle Makhaye (27) okuthiwa watholakala nenqwaba yamakhadi.
Ubekwe amacala okweba, elokukhwabanisa, elokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho nelokutholwa nempahla okusolwa ukuthi yebiwe.
USphamandla Dhlomo (25) obhekene namacala okubulala abayisishiyagalolunye esigamekweni esenzeka eMlaza ngo-Agasti, 11, 2023 icala lakhe beliqhubeka eNkantolo eNkulu yaseThekwini.
Ubekwe icala lokubulala okuhleliwe oMnuz Mlungisi Zuma, Mnuz Phakamani Sibusiso Dlamini, Mnuz Maxwell Sibisi, Mnuz Regional Bongimpilo Ngema, Mnuz Thabani Ngcobo, Mnuz Mhlengi Khathi, Mnuz Ayabongwa Mbayise, Mnuz Sfundo Sibusiso Dlamini noMnuz Sfiso Cele.