IGCAGCELE esokeni kubalimi basezindaweni ezakhele uMasipala waseMshwathi, njengoba kwethulwe isikhungo esizobafukula iNoordsberg Farmer Production Support Unit (FPSU). Lesi sikhungo sethulwe ngokusemthethweni ezinkundleni zemidlalo zaseMehlwenkosi, kwaSwayimani.
Umcimbi bewuhanjelwe nguNgqongqoshe woMnyango wokuThuthukiswa kwezindawo zasemaKhaya uMnuz Mzwanele Nyhontso, uNgqongqoshe wezoLimo KwaZulu-Natal, uNkk Thembani Madlopha-Mthethwa, iMeya yoMkhandlu waseMgungundlovu, uMnuz Mzi Zuma neyaseMshwathi uMnuz Mandla Zondi, nezikhulu zenhlangano iSouth African Development Association (SAFDA).
UNyhontso uthe isikhungo sizolekelela abalimi ekugcineni ingqalasizinda yabo futhi sibuye sinikezele ngoqeqesho lwezobuchwepheshe.
I-FPSU izosiza abatshalibomoba, ikakhulu abamnyama abasemikhakheni ehlukene. UZondi ukushayele elikhulu ihlombe ukwethula kwesikhungo wathi ngeke sisize abantu abatshalumoba kuphela kodwa nabalima amadumbe, obhatata nokunye ngenxa yokuthi indawo yaseMshwathi ivundile.