UDIDEKILE owesifazane waseLovu, eningizimu yedolobha iTheku, okhala ngenkinga yokungakwazi ukwenzela indodana (16) yakhe umazisi, ngenxa yokuvela kwegama lowesifazane angamazi wase-Eastern Cape, okuthiwa wunina.
Exoxa neSolezwe uNksz Khomibisile Mhlongo ngalolu daba, uthe uze ubhekana nale nkinga nje, indaba yonakala ngezikhukhula zango-2019, ezacekela phansi umuzi wakubo, kwacekeleka nempahla okubalwa nezitifikezi zokuzalwa zezingane zakhe ezine.
“Kwathi sengiyozama ukwenza izitifiketi ezintsha, esoyedwa omdala saphuma sesinemininingwane yowesifazane, okuvela ukuthi ungumXhosa engingamazi, okuthiwa uwunina. Into engidida kakhulu wukuthi kwenzeka kanjani lokhu njengoba mina nalona wesifazane sivela singonina sobabili.
“Sekuyisikhathi eside ngigqigqa eMnyangweni wezaseKhaya ukuzama ukulungisa lolu daba, kodwa kunhlanga zimuka nomoya njengoba kwathi ngigcina ukuya ngatshelwa ukuthi akukho abazokwazi ukukwenza ngalolu daba ngaphambi kokuthi kube wukuthi mina ngithola owesifazane ngiye naye kubona,” usho kanje.
Isolezwe lisibonile isitifiketi salo mfana neminye imininingwane ekhombisa ukuthi uNksz Mhlongo useyilandele isikhathi eside kangakanani le nkinga, osekuphele iminyaka emihlanu ingalungi.
Eqhuba, uthe okumkhathaza kakhulu manje wukuthi indodana yakhe, efunda kwesinye sezikole zaseMbumbulu, iyofunda u-matric ngonyaka ozayo, okusho ukuthi ngeke akwazi ukuyenzela umazisi kuze kube ulungisa inkinga abhekene nayo.
“Ngikhathazekile kakhulu. Kuzoze kushaye isikhathi sokuvulwa kwezikole ngonyaka ozayo, okungenza umntwana wami abe nenkinga njengoba sazi ukuthi kwa-matric kufuneka umazisi ukuwusebenzisa ezintweni ezehlukene zesikole,” kusho yena.
Omunye futhi onenkinga kamazisi wuNksz Zandila Gazu (43) waseShowe, kodwa osezinze eMalvern, eThekwini. Elandisa Isolezwe ngosizi lwakhe, uthe izinkinga zakhe zaqala ngenkathi eshonelwa wunina ngo-2004, emshiya engakamenzeli umazisi.
Uthe sekuphele iminyaka ewu-20 egqigqa eMnyangweni wezaseKhaya, kodwa lutho ukuthola umazisi. Uthe bafike bamtshele ukuthi akobuye abuye, kuthi uma ebuya, bamfune imininingwane eyahlukene kanina ongasekho, nayo engasizi ukuthola umazisi.
“Le nto iyangiphazamisa futhi yenza impilo yami ime ndawonye njengoba ngingakwazi nokusebenza umsebenzi osile, ngihlale ngibamba amatoho angatheni. Ngikhathazeke nangokuthi izingane zami ezimbili ziyakhula, okuzogcina kuyinkinga uma sekudingeka ngizenzele izinto ezidinga umazisi. Sengiqala nokuphelwa yithemba ngempilo,” kusho uNksz Gazu.
Ukushaya umazisi yinto ethatha isikhathi esingaphansi kwehora bese kulindwa amasonto amathathu kuya kwamahlanu ukuthi uphume.
Kuthintwa okhulumela uMnyango wezaseKhaya, uMnuz Siyabulela Qoza, ucingo lwakhe belukhala umlibe lungabanjwa, futhi wangawuphendula nomyalezo awuthunyelelwe kwi-WhatsApp.