IGagasi FM licacise uhlelo olululandelayo uma likhetha uhlu lwezingoma ezingu-100 abantu abazovota kuzo ukuqoka ezodlala ngo-12 ebusuku ngoDisemba 31.
NgoMsombuluko iGagasi livulele ukuthi abalaleli sebengaqala bakhethe ingoma abafuna ukuwela ngayo ku-2025. Ukuvota kuqhutshwa kwi-website yesiteshi futhi kuzovalwa ngoDisemba 22.
Izingoma ezivoteliwe zizoqala ukudlala emoyeni kusuka ngo-2 emini ngoDisemba 31 kuze kube yiphakathi kwamabili. Uhlelo lokuhlukanisa unyaka luzobe lusakazwa wuFelix Hlophe.
Okhulumela isiteshi uKhulekani Shandu uthe ngezimpelasonto banohlelo i-Urban Top 30 lapho beklelisa khona izingoma ezihamba phambili ngalelo sonto.
"Kubhekwa ama-charts onyaka wonke bese kuyadidiyelwa kuphunywe no-100. Njengoba sekuvotwa umuntu uvota kanye akuwona uthelawayeka. Lokhu sikwenzela ukuqinisekisa ukuthi uhlelo alwenzeleli kumuntu ngoba kugcina kuya ngokuthi ubani okhankasa kangcono," kusho uKhulekani.
Uthe konke sekulele kubalaleli ukuthi bakhetha yiphi ingoma kwezingu-100 abakhiphe uhlu lwazo.
Ekhasini labo kube nabakhala ngokungabonakali ngisho kweyodwa kamaskandi.
UKhulekani uphendule ngokuthi kungenzeka ingoma izwakale emoyeni kodwa ingabi nohlonze kangako ukuthi ingene kuma-chart.
"Sake sachaza phambilini ngomaskandi ukuthi uhlobo lomlaleli esikholwa wukuthi sisakazela yena akuyena okamaskandi kangako. Zikhona izigaba zezinhlelo lapho siwudlala khona njengokuthi kube khona umlaleli owucelayo futhi kujwayeleke ukuthi kube yingoma eyenza kahle vele. Akuwona umculo esigxile kuwo. Kodwa uma kwenzeka imakethe ishintsha nathi kufika ezingeni lokuthi siyabona ukuthi lolu hlobo luyangenisa siyobe sesinquma, okwamanje asikakazukushintsha," kuchaza uKhulekani.
Ngonyaka odlule iGagasi lahlukanisa unyaka ngePlan kaDlala Thukzin apike kuyo uZaba noSykes.
Ukuthola uhlu oluphelele lwe-top 100 yeGagasi ungena ku-www.gagasiworld.co.za