ABALINGISI baseMelika baveze ukuthi bakujabulele ukuqopha eThekwini, ngenkathi benza umdlalo othi A Wesley South African Christmas, owethulwe kwabezindaba wase uqala ukukhonjiswa kwi-BET Africa ngoMgqibeli ngo-8 ebusuku.
Laba balingisi abehlukene bebekhuluma kwi-video eqoshiwe edlalwe ngesikhathi kwethulwa le filimu.
Babonge ukuphathwa kahle ngabalingisi bakuleli base begqamisa ubuhle besifundazwe iKwaZulu-Natal.
“Siyabonga kakhulu ngempatho esiyithole kozwakwethu, sibonga ubuhle bendawo esikuyo futhi sisebenze kahle nabo kuze kube siqeda umsebenzi. Siyathemba ukuthi ababukeli bazowujabulela lo msebenzi. Sijabule kakhulu ukusebenza nabantu abehlukene nokwenza ifilimu nje kusho lukhulu kuthina.”
Ifilimu ibophele abalingisi bakuleli okukhona kubo uNaymaps Maphalala, Dineo Langa, Jesse Suntele, Baby Cele, Bohang Moeko noTrevor Gumbi.
KwabaseMelika kubalwa uDorien Wilson, Jasmine Guy, Terrence “TC“ Carson, Terayle Hill, Kiki Haynes nabanye.
UMonde Twala ongumphathi wezinhlelo eParamount Africa futhi ophethe i-BET ebhekelele izinhlelo zakuleli naphesheya kwezilwandle, uveze ukuthi ngale filimu bagubha ukuhlangana kwezizwe ezizoxoxa udaba lwamasiko ehlukene.
“Amandla azobonakala kule filimu ngokuhlangana kwezinhlanga ezehlukene, zizoxoxa ngamasiko eziwenzayo uma kuyisikhathi sikaKhisimusi. Asingabazi ukuthi kuzojabulisa abaningi abazokubona. Ngokuqopha lolu hlobo lwefilimu sigqugquzela ukuthi ithalente esinalo libonakale kwamanye amazwe. Sigabisa nangobuhle bezwe lethu ngoba buzobonwa emazweni aphesheya bese kuthuthuka umnotho wethu,” kuchaza uMonde.
Isolezwe lake laxoxa noBaby Cele ngesikhathi kusaqoshwa le filimu nowaveza ukuthi yize eneminyaka kulo mkhakha futhi esenze amafilimu neziteshi ezehlukene kodwa kumjabulisile ukuqopha lena njengoba kusho ukuya kwemidlalo yakuleli phesheya kwezilwandle.
“Kule filimu ngilingisa indawo kaNomusa Dlamini oshade noVusi Dlamini (Bheki Mkhwane) abanamabhizinisi. Kuyona bafikelwa yizivakashi ezingumndeni wakwaWesleys, ezizochitha uKhisimusi nabo. Kuyona kuzobonakala kakhulu kuhlangana izinhlanga zifundisana ngamasiko azo nokuhwebelana emkhakheni wamabhizinisi abakuwo. Ubumnandi bale filimu bulapho nje, nakanjani abantu bazoyijabulela,” kusho uBaby.