AMAPHOYSA afuna uthuli abasolwa abahlanu okukholakala ukuthi bayathinteka ekuqothweni kwabagilwa abane eMtshezi.
AMAPHOYSA afuna uthuli abasolwa abahlanu okukholakala ukuthi bayathinteka ekuqothweni kwabagilwa abane kwathi owesihlanu wangeniswa esibhedlela elimele, okuthiwa bahlaselwe besemzini othile obekunomcimbi kuwo, eNyezane eMtshezi izolo ntambama.
Kuvele ukuthi umsolwa wesithupha ubhadanywe amaphoyisa esengeniswe esibhedlela okukholakala ukuthi ushushumbiswe wozakwabo emva kokudubuleka esifubeni waphuka nengalo, kanti uqashwe ngamaphoyisa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Robert Netshiunda, uthe akucaci okwamanje ukuthi umsolwa ushaywe yinhlamvu yabebehamba nabo noma beyisuka esixukwini sabebekhona emcimbini.
.“Ngokolwazi olusanikwe amaphoyisa okwamanje, abasolwa abayisithupha abebezimboze ubuso bephethe izibhamu ezinkulu nezincane bangene kulo muzi obekunomcimbi wesintu kuwo bavulela ngenhlamvu kubantu abebesemcimbini. Abagilwa abathathu bafele endaweni yesigameko, kanti owesine udlule emva kokuphuthunyiswa esikhungweni sezempilo,” kusho uNetshiunda.
Uthe abagilwa abashone kulesi siigameko baneminyaka ephakathi ,kuka-45 no-61
Kunezinsolo zokuthi lesi sehlakalo sihlangene nobugebengu bokwebiwa kwemfuyo kwazise ababulewe kuthiwa bebelwa nalolu hlobo lobugebengu endaweni.