UNAMBITHA Mpumlwana ugonyuluke ngokumenza abe nenkinga nabadidiyeli bemidlalo bese esolwa ngokuzitshela.
Le nkakha elingisa indawo kaJaji Iris Makhaza emdlalweni ozokhonjiswa kwiShowmax osihloko sithi Soft Life ngoNovemba 18, ithe akunjengoba kubikwa ngayo emithonjeni yezindaba kodwa isuke ilwela ubulungiswa ngolwimi lwayo.
Ekhuluma kwi-Engineer Your Life kwi-YouTube Channel, uNambitha uthe isono sakhe ukuthi akakwazi ukumela umbhedo.
"Ngikhumbula mhlazane ngiqopha komunye umdlalo engingeke ngiwudalule. Kwakunombhalo wengane eyayingiphendula. Ngabuza ukuthi ngiyishaya nini le ngane ngoba angikuboni lokho?"
Uthe watshelwa ukuthi ingane iqedile yabe seyihamba. "Ngathi cha! Ngingowesifazane womXhosa mina! Akukwazi ukwenzeka lokho. Zamani omunye umuntu, hhayi lapha! Bathi akukho nje lokho embhalweni. Ngathi abakufake lokho ngoba akekho umuntu wesifazane womXhosa ongavumela ingane yakhe iqede ukumphendula maqede ingayitholi imbebe emlonyeni."
UNambitha uthe ukukhuluma kanje okumqhatha nabaqondisi bemidlalo ngoba usuke elwela ubulungiswa.
"Ngisuke ngilwela ubuthina. Omunye umuntu uzovuma kalula ukudlala leyo ndawo ngoba engafuni ukulahlekelwa wumsebenzi noma ukubizwa ngamagama. Manje kuzokwenzekani enganeni yakho uma ibona le ngane kwithelevishini iphendulana kanje nonina, maqede ingenziwa lutho? Babulala isiko lethu. Ngeke kwenzeke lokho ngikhona? Omunye umuntu kungenzeka ngoba kunophrojusa ongenandaba nesiko lethu. Kunomqondisi ongazi ukuthi buqondiswa kanjani ubugwegwe enganeni." Uthe ukuqondiswa kwezingane emidlalweni kubulala isiko lamaXhosa.
"Akukuhle ukubulawa kwesiko. Bayasibulala!"
UNambitha uthe yena usuke efuna kugcinwe isiko emidlalweni yethelevishini.
"NgiwumXhosa mina. Ngiwumfazi womXhosa mina. Ekhaya kwenziwa kanje. NamaZulu enza nje. Njengengane yomZulu, ungaphendulana nomama wakho?"
Uthe awucabange ingane eneminyaka emihlanu ibuka unina ehleka untanga wayo ephendulana nonina, ingaxakeka uma unina eyithethisa uma nayo seyenzisa okwalo mntwana olingisayo.
"Senzani osikweni lethu? Senzani esizukulwaneni sakusasa uma sivumela lo msakazo."
Uthe yena ubizwe ngamagama aziswana ngoba elwela ubulungiswa.
"Uma ulwela okuthize uba yingozi kulabo abasonge izandla."
Uthe kwiGenerations wake wadazisana nomqondisi ngoba kunento eyenziwe uNoluntu kodwa kwathiwa ngeke ajeze ngalokho.
Uthe wenqaba ukudlala leso siqephu kwaze kwalandwa umbhali waleso siqephu, uBongi Ndaba, onganqikazanga ukulungisa lelo phutha ngaphambi kokuba uNambitha abuyele ekusiqopheni.