Umbuzo:
MAGUMEDE, ngicela ungisize dadewethu ungibonise. Ngingowesilisa oshadelwe ngowesifazane engamfica enengane kwenye indawo kodwa ngenxa yothando ngamlobola. Ingane ibihlala ekhaya kubo ngenxa yokuthi ubaba wayo akazange ahlawule futhi omalume bayo banqaba uma ngithi umakoti wami akeze nayo ekhaya. Ngebhadi kuye kwenzeka yadlula emhlabeni, bafika abakubo kankosikazi bezomlanda ngangaba nankinga. Inkinga ke manje kufanele ayizilele phela ingane yakhe ngoba eyakhe, kayinaye omunye umama ngaphandle kwakhe. Umbuzo wami uthi ngenzenjani, ngimyeke ahlale kubo azile aqede okanye abuye eze layi khaya nenzilo? Bengingeke ngikwazi ukumnqabela ukuthi angayi kozilela ingane yakhe, bekuzoba ngiyindoda enonya impela kodwa manje angazi ukuthi kumele ngimise kanjani. Ngicela ungiphe izeluleko MaGumede.
Impendulo:
NGIYABONGA ngokuthi wenze ubuntu, uvume unkosikazi wakho ayozilela ingane yakhe. Lokhu okwenzile kukhombisa ubudoda impela. Ngiyazwelana kakhulu futhi nento eyehlele unkosikazi wakho, icebo likaNkulunkulu aliphikiswa. Le nto ikabili, uma ungenankinga ungamdedela ahlale kubo kuze kube ukhumula inzila bese eyabuya ke, futhi lokho kuzoba ngcono ngoba noma kufika izihlobo zizomfica ekhona. Phela ukuthi washada akusho ukuthi ingane yakhe wayengesenandaba nayo, uma kuzoba nzima lokho kusho ukuthi ke akabuye nayo inzilo kodwa isintu asikuvumi lokho ngoba phela uzobe ebuya nesinyama sakomunye umuzi esiletha komunye umuzi. Nedlozi lakini lizodideka ukuthi kwakhona umuntu ofake inzilo kwenzenjani? Leyo nto ingabanga nomkhuhlane egcekeni kodwa ke konke kulele kuwe. Ngaphandle ke uma uzoba nawo amandla esilwane sokubika kwabadala ukuthi bangathuki umakoti wakho wehlelwe isimo esikanje futhi ngeke akwazi ukuzilela kubo.