AZAZI ukuthi zizothathani zihlanganise nani izaguga ebezihola ebhange elilengelwa yizembe, Ithala, njengoba zingazange zihole izolo yize bekunesethembiso sokuthi imali yazo zizoyithola ebhange i-FNB.
Inqwaba yezaguga ebezihola eThala ibuyele emakhaya ilambatha yize bekwenziwe izinhlelo zokuthi ihole e-FNB.
Izaguga ezingaholanga zithe zitshelwe ukuthi inhlangano eholela izimpesheni, i-SA Social Security Agency (Sassa), ayikayifaki imali yazo.
Abantu ababehola izibonelelo eThala bangaphezu kuka-65 000, okukhona kubo abahola eyokuguga, eyezintandane nesibonelelo sezingane.
I-Sassa isanda kumemezela ukuthi izaguga ebezihola eThala zizohola e-FNB njengoba amakhasimende aseThala engakwazi ukukhipha imali yawo.
I-Sassa yabe isihlaba ikhwelo lokuthi bonke abebehola eThala abaye kolanda amakhadi e-FNB.
Omunye wabangazange bahole oLundi, uMnuz Lungani Buthelezi, uthe uphanjanelwe yikhanda ngesikhathi ethi ukhipha imali ingaphumi.
UButhelezi uthe wenza ikhadi lase-FNB ngoLwesihlanu, wathenjiswa ukuthi uzohola izolo.
UButhelezi uthe bekunezinye izaguga ezibalelwa ku-500 ezicoshe ubala egatsheni le-FNB elisoLundi.
“Abantu bebeshaye ujenga, cishe loluyajenga lulingana nenkundla yezemidlalo. Ilanga belikhipha umkhovu etsheni, amazinga okushisa abewu-37 lapha oLundi. Okubuhlungu ukuthi iningi labantu abebemi laphaya bebeyitshelekile imali yokugibela. Abanye babo bebengenayo ngisho imali yokuphindela emuva.”
UButhelezi uthe okumphatha kabi ukuthi yena ubevele engafuni ukuhola e-FNB.
“Mina bese nginesivumelwano nelinye ibhange, bese ngenze ngisho ikhadi lakhona. Ngathi uma ngiya kwa-Sassa, bafike banqaba ukungishintshela kuleli bhange ebese ngilikhethile. Bathi angilinde ngiqale ngihole kuqala. Abakwa-Sassa kufanele basichazele ukuthi kwenzekani ngoba ibona abenza isivumelwano ne-FNB. Lesi sivumelwano basenza ngaphandle kokukhuluma nathi kuqala. Manje siyabehlula isivumelwano sabo.”
Omunye, uNkk Ntombenhle Ntombela, uthe kubaphathe kabi ukungaholi izolo.
“Abanye bethu sebaphathwa izifo. Uyabona nje sivele sakhushukelwa oshukela no-BP. Abanye bahlale kwaze kwaba yileyo ndaba belindile ngenxa yokuthi bebengenayo imali yokuphindela emuva. Kuyimanje asazi ukuthi kufanele senzenjani.”
Nasezinkundleni zokuxhumana besisikhulu isililo sabantu abebekhala ngokuthi omama nogogo babo abaholanga.
Izimamo yokuthola ukuphawula kokhulumela i-Sassa, uMnuz Paseka Letsatsi, ayizange iphumelele njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa futhi engazange ayiphendule imibuzo ayithunyelelwe.
Ithala likhungethwe izinkinga njengoba kunesicelo sokuba livalwe, amakhasimende awakwazi ukukhipha imali.
Muva nje uMengameli Cyril Ramaphosa, ujube uphiko oluphenya amacala enkohlakalo, i-Special Investigating Unit (SIU), ukuba luphenye izinsolo zenkohlakalo kuleli bhange.
Uphenyo lwe-SIU luzogxila ekukhishweni kwethenda ka-R34.97 million yokuthuthukisa ezobuchwepheshe.
Le thenda eyakhishwa ngo-2020 yanikezwa inkampani i-Tech Mahindra.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, ukwamukele ukujutshwa kwe-SIU.
UNtuli uthe unethemba lokuthi uphenyo lwe-SIU luzoholela ekutheni bathathelwe izinyathelo abathinteka enkohlakalweni.
Ithala linamakhasimende angaphezu kuka-250 000.
ISIU izophinde iphenye izinsolo zenkohlakalo kuMasipala iGreater Kokstad.