ODUME emisakazweni emincane uMgugundlovu 106.7 FM neMUT Radio, uLungelo “Qhikiza” Zondi, wenze isicelo ebandleni lamaNazaretha nakumholi walo, uNyazilwezulu, ukuba amukelwe njengenkosazane.
ULungelo (31) waseWillowfontein, eMgungundlovu, uthe usekhathele ukuhlala nabantu besilisa uma eyothamela inkonzo yebandla ethempelini langakubo eThulani, kodwa usefuna ukuhlala namakhosazane. Ekhuluma neSolezwe Ngempelasonto, uLungelo oyintokazi emuva kokuguqula ubulili bakhe, uthe useneminyaka ekhonza kuleli bandla ngenxa yokuthi uyalithanda kanye noNyazi. Uthe nakuba esamile ukukhonza ngenxa yokucwaseka ahlangabezana nakho kodwa uyaqhubeka nokuphathisa unina umnikelo nokugcina imithetho yeSabatha ngemiGqibelo.
ULungelo uthe akucela kubaholi bebandla ukuba avunyelwe ukuba agqokise okwentombazane futhi aphinde ahlale namakhosazane ngoba useyiyo naye.
“Nginovalo (lokuvele ngiyohlala namakhosazane) ngoba ngokubukeka kwami nginjengomuntu wesilisa) abanye enkonzweni bazothi angiyohlala namadoda ekubeni mina ngingasiyona indoda. Nabo ngiyazi bazobe besho ngoba bengibuka ngokweso kodwa bekhohlwe uthando enginalo ngale nkolo kanye nokukhonza,” kusho uLungelo owaqala ukwaziwa kuleli ngesikhathi evela ekhalela indoda eyayimbhangqile ohlelweni olusakazwa kuMoja Love, iSiyajola 9/9.
Uthe uke wakhonza ethempelini langakubo eThulani, kodwa wagcina esekhonzela ekhaya ngenxa yokuthi ubehlaliswa nenhlalisuthi ebibuye imkluluze kabi.
"Angiyi ethempeleni ngoba indawo yami angiyiboni, ngizizwa ngeqiwa uvalo olukhulu uma ngicabanga ngendlela ekungasuka ngayo izibhelu uma ngingabonakala ngise bandleni ngifake umfaniswano wabesifazane ngoba amajaji angasukumela phezulu ngakhona.“
Okhulumela ibandla lakwaShembe, eBuhleni, uThokozani Mncwabe, unxuse intatheli ukuba imxhumanise noLungelo ukuze baludingide kahle lolu daba.