UCWANINGO lakamuva ludalula ukuthi iningi labesifazane selizithokozisa udede namathozi ocansi futhi alisakufihli nasezinkundleni zokuxhumana.
Kuthiwa abathengisi bamathoyizi ocansi benza enhle imali ngaleli bhizinisi ngoba abesifazane bathi babulawa yindlala ngenxa yokuthi amadoda ahlale ekhathele futhi angasakwazi ukuchamisa abantu besifazane.
Ongoti bathi sinyukile isibalo sabesifazane abazithokozisa ngamathoyizi futhi nezinga lokuthengwa kwawo linyukile, abanye bawadayisa udede ezinkundleni zokuxhumana.
Abanye bayawashutha uma sebenawo noma sebezowasebenzisa okukhombisa ukuthi akuseyona into efihlwayo.
Abesifazane bathi kungcono ukuba nethoyizi lakho ozozidlalisa ngalo uze uchame ngoba amadoda esikhathini sanamhlanje awasenalo uthando nesineke sokwenelisana ocansini.
Bathi into emnandi ngokuba nethoyizi ukuthi ulisebenzisa noma yinini uma uzwa sengathi ukhanukela ukuya ocansini.
Abanye besifazane esikhulume nabo ngalolu daba bavumile ukuthi ithoyizi liwenza kangcono umsebenzi kunendoda.
Omunye uthe inkinga ngethoyizi ukuthi uma usulijwayele, awube usamuzwa owesilisa uma niya ocansini. Uqhube wathi yena unayo indoda athandana nayo kodwa wabona kungcono ukuthi ayilekelele ngethoyizi ngoba kunezindawo engafiki kuzo kodwa ithoyizi liyafika.
Elanda uthe indoda yakhe ayazi ngalokhu futhi kuyimfihlo yakhe yedwa ngoba akafuni ukuzithola esejola ngenxa yokufuna ucansi olumnandi.
Ongoti bathi sekuyinto ejwayelekile lena, yize iningi labesifazane eliwasebenzisayo lifihla ngenxa yamahloni.
Ukufakazela lokhu uke uthole usisi omuhle ongashodi ndawo futhi ongaswele lutho, uthole ukuthi akanandoda futhi ulibeka ngembaba ukuthi akayifuni. Zibuzeke ukuthi uchanyiswa ngubani? Yebo, uyaba nomfana wakhe abahlanganiswa ucansi kuphela kodwa isikhathi esiningi usichitha ngokuzijabulisa ngethoyizi.
Angithi siyazi ukuthi ngokomthetho umuntu kumele aye ocansini okungenani kathathu esontweni, lokho kusiza ekuhlakazeni umqondo ngoba uma uchama ukhipha uketshezi lokuqhanyelwa, umqondo uyahlakazeka.
Iningi-ke alubinesikhathi sokuya ocansini njalo kodwa liyakwazi ukuzichamisa ngokusebenzisa ithoyizi noma umunwe.
Ongoti bathi abunakho ubungozi kulokhu kodwa uma usukujwayele kakhulu kubanzima ukuthokozela ucansi futhi awubi nandaba nomuntu wesilisa.
Okumnandi ngethoyizi locansi ukuthi ulilawula wena futhi uzinwaya ngendlela othanda ngayo, kuchaza ongoti.