UMNDENI wakwaGumede, esigodini saseDanganya, eMgababa, sewuzokwazi ukulala ubuthongo njengoba ngoLwesibili uzofihla umzukulu wawo, uLethokuhle Simphiwe Gumede.
Ngokusho kwesimemezelo salo omndeni esithunyelelwe Isolezwe, uLethokuhle (14) uzofihlwa emathuneni asekhaya kule ndawo emuva kwenkonzo ezokuba kwa-No 214730, emgwaqweni uR102 Main Road, eDanganya, eMgaba Area 5 kusukela ngo-9 ekuseni.
Lo mndeni bewungasabuthi quthu ubuthongo emuva kokuphazanyiswa kwezinhlelo zawo zokufihla uLethokuhle obefunda uGrade 8 eMkomaas Secondary.
Umufi kufanele ngabe ufihlwe ngesonto eledlule kodwa kwaphazamisa ukufika komunye umndeni obusola ukuthi isidumbu sikaLethokuhle ngesawo.
“Wabhaliswa ngoLwesibili (olwandulela olwedlule), kwafika umyalezo othi kunabanye abathi nabo banomuntu obalahlekele eThekwini.”
Lo mthombo uthe lwenziwe ulibofuzo ngoMsombuluko owedlule, kwacaca ukuthi isidumbu esitholakele ngesikaLethokuhle.
ULethokuhle waseDanganya, eMgababa, wamuka olwandle ngenyanga eyedlule kade ezama ukuhlenga umngani wakhe owayegwiliza.
Umkhulu kamufi, uMnuz Sindile Gumede, wathi uLethokuhle watholakala elinyazwe kabi wulwandle.
"Umndeni nezihlobo basathukile futhi akukamukeleki ukuhamba kwakhe umfana. Nokho-ke sibonga ukumthola."
ULethokuhle waphenduka iqhawe ehlenga umngani wakhe owayemuka kodwa yena akabange esaluthola usizo, wagcina ehambe kanjalo namagagasi. Ngokusho kukaGumede, umzukulu wakhe wamukiswa ngamagagasi asolwandle olungasemtholampilo eDanganya Area 5A.
"Zathi izingane zakwamakhelwane zazinyenyile ziyobhukuda. Kwabe sekumuka ingane yakwaMsomi engumngani wabo. OLetho nabanye basala ngenkathi abanye beyobiza umzali walo omukayo, yilapho uLetho aba nozwelo, wangena wakhipha umngani wakhe. Ngebhadi yena akabange esakwazi ukuphuma. Bathi bambona esephakamisa isandla, efuna usizo, ngebhadi bona abakwazanga ukumsiza."
"Silusizi emndenini wakwaGumede ngomzukulu wethu okunguyena omdala kunabanye ekhaya," kuphetha uGumede.