INTATHELI YESOLEZWE
UMENGAMELI Cyril Ramaphosa ubhekene nenselelo yokuthi ancetheze futhi alume ephephetha kuwo wonke umuntu enkulumweni yakhe ebhekiswe esizweni (Sona) ngoLwesine.
Uzoyethula phambi kwezindlu zonke zePhalamende eCape Town City Hall ngo-7 ebusuku.
Inkulumo kamengameli ilandela iLekgotla yeKhabhinethi yangesonto eledlule, ebeke uhlelo lukahulumeni lokusebenza lonyaka yize kungekho ukuthula njengoba kunomdonsiswano ngemithetho ngaphansi kukahulumeni wokubambisana kwamaqembu.
Umhlaziyi wezepolitiki, uSolwazi Andre Duvenhage wase-University of North West uthe kufanele umengameli akhulume awacwecwe amagama akhe ngoba le yinkulumo yakhe yokuqala kuhulumeni wokubambisana kwamaqembu.
Uthe uzophoqeleka ukuthi ancetheze eluma ephephetha ukuze angabhebhezeli ukungezwani kuhulumeni wokubambisana futhi angadali uqhekeko kumadlelandawonye e-ANC.
“Kubhekwe ukuthi umengameli aphefumule ngodaba lwe-Bela ngokunjalo nangemithetho yokudliwa komhlaba ne-NHI,” kusho uDuvenage egcizelela ukuthi uRamaphosa kumele agweme izinto ezingeke zithandeke emaqenjini abambisene ne-ANC kuhulumeni.
“Ukuncetheza kwakhe emaqenjini afana ne-DA, FF Plus namanye kuzosho ukuthi usenyathela amakhona kwabe-ANC. Eqinisweni umengameli ubhekene nenkinga yokuthi kufanele acabange ukuthi uzincengela kanjani kwamanye amaqembu ebe eluma ephephetha kwabe-ANC namadlelandawonye,” kusho osolwazi.
“Izinselelo ziningi kwezomnotho nakwinhlalonhle yabantu ebhebhezelwa wukungakhuli komnotho nezibalo eziphezulu zabantu abangasebenzi. Lezi yizinto okumele zibe seqhulwini kumengameli,” kusho uDuvenage.
Izinto zimapeketwane ezweni njengoba izinkampani ezinkulu zimemezela ukudilizwa kwabasebenzi ngapha nangapha. Ngakho kulindeleke ukuba nomengameli akuthinte lokhu okuhlanganisa izinkinga zePosi, Eskom, Transnet nezamanye amabhizinisi kahulumeni. Nenhlekelele yokubulawa kwamasosha eDemocratic Republic of Congo kubhekeke ukuba ingasali.
Ibamba lomqondisi jikelele kwezokuxhumana kuhulumeni uNksz Nomonde Mnukwa lithe uRamaphosa uzokhuluma ngezinto ezenzekayo ezweni aphinde acacise nangezinhlelo zanonyaka.
UNksz Mnukwa uthe uzothinta okuzuzwe yizwe ngonyaka odlule, wathi umengameli uzosebenzisa i-Sona ukuze enze isizwe sithembele ezinhlelweni zikahulumeni zokubhekana nezinselelo zokuntuleka kwemisebenzi, ubugebengu, ukuthuthukiswa komphakathi kanye nomnotho.
“Lezi yizinselelo ezikhathaza abaningi ezweni nsuku zonke. Umengameli uzophinde enabe ngokuthi izokweqelwa kanjani inkinga kagesi ezweni ngokulandelwa komthetho i-Energy Action Plan and the Electricity Regulation Amendment,” usho kanje.
“Ngeke zisale izinhlelo zokuthi uhulumeni uzobhekana futhi uyixazulula kanjani inkinga yokuntuleka kwamanzi ezweni okucindezela amalungelo abantu nomnotho.”
Ubalule nokuthi njengoba iNingizimu Afrika izosingatha i-G20 ngoNovemba - umengameli uzokhuluma ngayo kakhulu.
“Umengameli uzonxusa wonke umuntu waseNingizimu Afrika ukuba enze isiqiniseko sokuthi umhlangano we-G20 uba yimpumelelo. Inhloso enkulu wukuthi lo mhlangano ulethe ushintsho impilweni yabantu abadonsa kanzima emhlabeni jikelele.”