INTOKAZI yaseNquthu ebiyingxenye yohlelo lwabesifazane abayiziqumama abahlala eGauteng, futhi abaveza ukuthi injani impilo yokuba umama ohlelweni iThe Mommy Club, uNoksie Khumalo, isiveze ukuthi icishe yazibulala ngenxa yengcindezi eyithole kwabanye besifazane kulolu hlelo.
Kulolu hlelo olukhonjiswa kuShowmax, uNoksie ukusho lokhu esiqeshini sokuqala esikhonjiswe ngoMgqibelo, lapho bebehlangene khona kukhona imibuzo akade bezoyiphendula ngobe kwenzeka ohlelweni.
UNoksie uveze ukuthi inzondo kwabesifazane abafana noVuyi, Pheladi noHermajesty wayithola ngosuku lwesibili beqopha okwamdida ukuthi wenzeni kubo.
“Ngizizwe ngihlukumezekile ngesikhathi ngiqopha lolu hlelo. Okubuhlungu kakhulu ukuthi uwena Hermajesty owangiletha kulo kodwa wangilaxaza uma sesiqale ukuqopha. Izimo engibhekane nazo zibe nzima njengoba ngizibona kumele usuku nosuku ngizimele uma kukhona engigxekwa kukho. Ngiyazi nami kukhona amagama engawakhuluma ayengamahle kwabanye kodwa isimo engibhekane naso sicishe sangenza ngazibulala,” kuchaza uNoksie.
Kulolu hlelo uthi ubecabanga ukuthi uzokwakhana nabanye besifazane ukuze bakhule futhi balekelelane ekukhuliseni izingane, okuyinto engenzekanga.
“Le sizini kimi ayifananga namanye engike ngawabuka alolu hlelo, bekudicilelwana phansi nje kuphela, akukho la sihlangane khona nezingane zethu sajabula sabuzana ukuthi injani impilo yokuba umzali kodwa kukhona konke, uma kukhona engibaphathe kabi ngiyaxolisa,” kuchaza yena.
Isiqephu sokugcina sizokhonjiswa ngoMgqibelo ozayo.
UPheladi obebhekwe ngabomvu ukuthi abe khona kulolu hlelo nobesolwa kakhulu ngokuba nochuku uma kuziwa kuNoksie, akafikanga kulesi siqephu.
Kuvele izindaba zokuthi akaphilile, okwenze abanye besifazane bamsola ngokuba yigwala njengoba bebethi bekumele abe khona azobhekana nezindaba zakhe.
Ngesikhathi luqala uhlelo, uNoksie waveza ukuthi ulujoyine ngoba efuna ukusondelana nabanye omama, akhe ubudlelwano obusha.