Izindaba

UZuma ulufake enkantolo olokuxoshwa kwakhe ku-ANC

Sabelo Nsele|Published

UZuma ulufake enkantolo olokuxoshwa kwakhe kwi-ANC 

Image: Zwelizwe Ndlovu

UMHOLI weMK, uJacob Zuma, ufake amaphepha asenkantolo lapho ephonsela khona inselelo ukuxoshwa kwakhe kwi-ANC. 

UZuma ufuna ukuthi iNkantolo eNkulu eGoli inqume ukuthi kwakungekho emthethweni ukuxoshwa kwakhe kwi-ANC.

UZuma waxoshwa kwi-ANC emva kokuba ekhankasele iMK okhethweni olwedlule. 

Okhulumela iMK, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, uthe bayaseseka isinqumo sikaZuma sokuphonsela inselelo ukuxoshwa kwi-ANC. 

UNdhlela uthe lokhu okwenziwa uZuma kuvumelekile kwiMK.

"Amalungu eMK avumelekile ukuba ajoyine amanye amaqembu. Sinethemba lokuthi inkantolo izobuyusela uZuma kwi-ANC khona ezokwazi ukuba ilungu leMK ne-ANC ngesikhathi esisodwa."

Isitatimende seMK Party ngodaba lukaZuma

Image: MK Party