BAWOTHA ubomvu abaholi be-IFP ngokubuyiswa kwencwadi egxibha umsunguli weqembu, Inkosi Mangosuthu Buthelezi.
I-IFP ikufanise nokudlalela ezitsheni ezifayo ukugaywa kabusha kwencwadi egxibha uButhelezi.
Le ncwadi eyabhalwa yisishoshovu se-ANC, uMnuz Mzala Nxumalo, iqale ukudayisa kuleli ngoMsombuluko.
Incwadi esihloko sithi, Gatsha Buthelezi: Chief with a double agenda, yabhalwa ngo-1988.
Ngesikhathi sekufanele ishicilelwe uButhelezi wasabisa ngokuthatha izinyathelo zomthetho.
Lokhu kwaholela ekutheni incwadi igcine ingashicilelwanga kuleli, yashicilelwa eNgilandi kuphela.
Inkampani eshicilelayo, iJacana Media, imemezele ukuthi incwadi isiyatholakala kuleli, ibiza uR340.
Incwadi iqukethe izinsolo eziningi ngoButhelezi okubalwa kuzo ukuthi wayesebenzisana nohulumeni wobandlululo kanye nokuthi uButhelezi wayengafanelwe ukubizwa ngoMntwana.
UButhelezi waze wahamba ehlezi ekhala ngale ncwadi.
Ezinkulumeni eziningi uButhelezi wayeke athi incwadi kaNxumalo yayiqukethe izinto ezingamampunge.
Okhulumela i-IFP uMnuz Mkhuleko Hlengwa, ukugxekile ukubuyiswa kwale ncwadi.
"Besingakasiboni isimemezelo sabo (abeJacana Media). Le simemezelo sabo siwubudedengu obukhulu futhi siyasigxeka ngayo yonke indlela. AbeJacana Media badlala ngomlilo."
UHlengwa uthe basabheka ukuthi yiziphi izinyathelo zomthetho abangazithatha ngalolu daba.
Umndeni kaButhelezi uthe ushaqekile ngokubuyiswa kwencwadi.
Inkosi Zuzifa kaMangosuthu Buthelezi, ithe ukubuyiswa kwencwadi ngeke kumnikeze uButhelezi ukuphumula.
"Okumangazayo wukuthi kwakhulunywa kakhulu ngale ncwadi futhi kwavunyelwana ngokuthi iqukethe izinto ezingelona iqiniso ngoMntwana. Kwavunyelwana ngokuthi incwadi yayihlose ukungcolisa igama likaMntwana. Umuntu owayebhala incwadi wayebhala nje noma yini eyayizongcolisa igama loMntwana. Into eyayibangwa wukuthi uMntwana wayengaboni ngaso linye nabe-ANC, kubangwa indaba yokunswinywa kwezwe."
Uthe:"Kuyadabukisa ukuthi noma engasekho akanikezwa ithuba lokuthi alale ngokuthula. Nawe ungufakazi wami ukuthi uMntwana ubehlezi ekhuluma ngale ncwadi. Ibingamphethe kahle le ncwadi. Kukaningi sibona ezama ukuqondisa izinto ezingelona iqiniso ezishiwo ngaye."
Inkosi uZuzifa ithe basazohlala bewumndeni babone ukuthi yiziphi izinyathelo abangazithatha.
"Besingakasiboni isimemezelo sokuthi incwadi izodayiswa kuleli. Kusafanele sihlale phansi uma sesithole konke sibone ukuthi sizokwenza njani."
Sekukaningi incwadi kaNxumalo isusa ukukhuluma.
Okubuye kwadunga kakhulu izinto yisinqumo se-ANC sokuqamba isifunda iZululand ngoNxumalo.
I-ANC yaze yaba nesiphakamiso sokuthi noMasipala wesifunda iZululand, uqanjwe ngoNxumalo.
Ngesikhathi kuqhubeka izingxoxo zokubuyisana phakathi kwe-ANC ne-IFP, ubuholi be-IFP bayalela ubuholi be-ANC ukuba bushintshe isiqumo sokuqanjwa kwesifunda ngoNxumalo.