BAHLALELE ovalweni abafundi basesikoleni samabanga aphezulu iLakehaven Secondary eNewlands, eThekwini, ngenxa yomfundi osatshwayo okuthiwa udayisa izidakamizwa futhi ubhema insangu isidana nomunye wothisha emagcekeni esikole.
Kuthiwa lo mfundi owenza u-matric kulesi sikole akagcini ngokuphilisa ezinye izingane kabuhlungu, kepha nothisha ubenza basebenze ngokungakhululeki. Isolezwe liphinde lathola ukuthi lo mfundi usolwa ngokudayisa izidakamizwa isidana ngaphakathi esikoleni.
NgoLwesine ushaye kanzima unogada ngaphakathi emagcekeni esikole.
Encwadini Isolezwe eliyibonile, omunye umfundi uthe kubonakale “ibhoklolo” lishaya unogada ngoba emcebile kuthishanhloko ukuthi kade ebhema esikoleni.
Uthe kwale noma izingane sezibiza uthishomkhulu ukuthi azolamulela unogada kodwa uvele waphuma wazibukela nje maqede waphindela ehhovisi lakhe.
Encwadini, umfundi uphinde waveza ukuthi uthishomkhulu ufike emakilasini abo wathi bangahambe bepepeza ngesigameko esenzekile ngoba kasihlangene nabo.
Omunye wabazali ekhuluma neSolezwe, uthe uthishomkhulu wakulesi sikole ongowomdabu waseNdiya naye uyamsaba lo mfundi futhi uphinde abandlulule abanye othisha abamnyama.
"Uma enza izinguquko esikoleni akabazisi abanye othisha, ikakhulukazi laba abamnyama. Ukhetha iphela emasini. Uma abafundi abamnyama bekhala ngalo mfundi ohluphayo, uyabaziba. Sigcine sesimtshela ukuthi angambuyisi lo mfundi esikoleni ngokucabangela ukuphepha kwezingane zethu, kodwa yena wenza okuphambene nehlombe," kusho umzali ocele ukungadalulwa.
Uqhube ngokuthi esigamekweni esenzeke ngoLwesine, unogada wesikole ubekhuza lo mfundi “owuhlupho“ njengoba ebebhema ugwayi okuhlaza (insangu) ezongena emagcekeni esikole, unogada wamnqabela.
"Ungene ngenkani njengoba kuthiwa uxhumene nomunye uthisha womdabu waseNdiya abadayiselana naye izidakamizwa - bahuqe nensangu. Lo thisha ube esemyisa ehhovisi lakhe wamvalela khona, kodwa uthe esephuma lapho lo mfundi waqonda kunogada wafike wamgxoba kanzima.
"Emva kwalesi sigameko, uthishomkhulu uthathe lo mfundi wayomvalela ehhovisi lakhe. Abanye abafundi basibonile lesi sehlo senzeka futhi uma bethi bafuna ukubhala isitatimende ngokwenzekile, uthishomkhulu uyabasabisa.
“NgoLwesihlanu, izingane zisibhalile isitatimende esizonikwa amaphoyisa zathi zizomumela lo nogada ngoba uwumuntu olungile futhi owenza umsebenzi wakhe ngokwethembeka," usho kanje.
Uthe unogada ulimele kakhulu njengoba nasesibhedlela kwembulwa kwembeswa kuye. Uthe izingane zithukile kakhulu ngokuxhimfwa kukanogada aze agandaywe kanzima womunye umfundi. Lo mzali uphinde wathi abakwasidlodlo bafikile bezothatha lo mfundi bamyisa esteshini samaphoyisa esiseWestville.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe azifunakali iziqhwaga ezikoleni.
"Amabhoklolo asiwafuni. Uma eboshiwe siyajabula kakhulu. Akahambe eyohlala nontanga bakhe futhi siyathemba ukuthi ubulungiswa buzotholakala. Lolu daba sizolufakela izibuko futhi sifisela unogada ukululama okusheshayo," usho kanje.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela amaphoyisa engayiphenduli imibuzo esiwabhalele yona mayelana nalolu daba.