AYASHABALALA amathemba okuthi sizoba ngcono isimo sezezimali esibhekene noMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, njengoba sekusele izinyanga ezimbili kuqale unyakamali omusha.
Leli themba liqedwe wuhlaka lwesikhashana lwesabelomali sonyakamali ozoqala ngo-Ephreli nonyaka, oluveza ukuthi isimo sizocishe sifane phezu kokuba sizonyuswa lesi sabelo.
Lolu hlaka lwethulwe yisikhulu esibambile sezezimali emnyangweni, uNkk Ntokozo Mlaba, asethule eDundee ngeledlule njengoba ikomiti lezemfundo belihambele kule ndawo ukuyovezela umphakathi ukuthi sizoma kanjani isabelo esisha.
UNkk Mlaba uveze ukuthi isabelomali sizonyuka siye ku-R65 billion, kodwa kusenomgodi olokhu wavuleka ngo-2021, wokwehliswa kwesabelomali osekufinyelele ku-R21 billion.
“Sinezikhala zothisha ezingu-3 829 esingakwazi ukuzikhokhela. Kodwa ngenxa yokuthi bakwi-persal, imali yabo bayakhokhelwa sithanda singathandi, bese singakwazi ukwenza ezinye izinhlelo. Kungabonakala sengathi imali yenyukile kodwa ngenxa yokuthi imali yokunyuswa kwamaholo yangonyaka odlule yayingafakiwe nguMgcinimafa, kwadingeka siyithathe kwezinye izinhlelo ukuze sipheshe.”
Uthe ngendlela isimo esibi ngayo, abakwazi ukukhokhela abahambisa izincwadi esikoleni ngesikhathi.
Isolezwe lithole ukuthi inkampani ehambisa izincwadi ezikoleni iNdabase, ayikhokheliwe yonke imali njengoba umnyango usayikweleta phezu kokuba yazihambisa izincwadi ne-stationery ngaphambi kokuvalwa kwezikole ngoDisemba.
“Asikwazi ukukhokha ezinsukwini ezingu-30 ezibekiwe ukukhokha. Sekuphele iminyaka emibili singakwazi ukukhokha ngesikhathi. Asikwazi ukukhokha imali yezikole yama-norms and standards, asikwazi ukukhokhela ugesi namanzi okwenza kuze kuvalwe ezikoleni,” usho kanje uNkk Mlaba.
Uveze ukuthi kulikhuni satshe ezikoleni ukuthi zisebenze ngoba nasemnyangweni kunezikhala ezingavaliwe, ngenxa yakho ukushoda kwemali.
“Asikwazi ukunyusa imali yama-norms and standards, sekuphele iminyaka engu-10 sikhokha imali encane ngomfundi ngamunye uma uqhathanisa nezinye izifundazwe, kanjalo nemali engabe siyayikhokha. Asikwazi ukuqapha ukusebenza kahle komnyango ngenxa yemali.”
Uzwakalise ithemba lokuthi uma sekunyuswa amaholo abasebenzi, uMgcinimafa uzowufaka lowo chatha wamaholo ungayekeli kulo mnyango ukuthi uzibonele ukuthi uyithathaphi le mali.
Lo mnyango uhlale uphambana nenyunyana yothisha i-Sadtu, abahlinzeka izikole ngokudla abahlale bekhala ngokungakhokhelwa ngesikhathi.
I-Sadtu ihlale ivalela izikhulu zomnyango ifuna ukwazi ukuthi ikhokhwa nini imali yezikole.
UMphathiswa woMnyango, uMnuz Sipho Hlomuka, uthe kungabonakala sengathi mkhulu u-R65 billion, wesabelomali esizonyuka cishe ngo-R2.846 billion, kodwa ingxenye eningi iya emaholweni abasebenzi.
Kule mali kuvele ukuthi ngaphezu kuka-R56 billion uya emaholweni abasebenzi.
“Enye imali ifakwa ezikoleni. Likhulu ibanga eselihanjiwe ukukhokha imali yezikole noma kunezinselelo,” kusho uHlomuka.
Ubongele nesifunda uMzinyathi esiphucule imiphumela yaso ka-matric wancoma nesifundazwe ukuthi senze kahle kakhulu kule miphumela phezu kwalezi zinselelo.