UZWE ubuhlungu obuphindaphindiwe umndeni wakwaCebekhulu oThini eNtambanana, eMpangeni, kudutshulwa kufa izihlobo, usemakhandleleni elungu nalo elihambe ngokudutshulwa.
Kulesi sigameko esenzeke ngeledlule, kuthiwa kushone oMnuz Mbongiseni Cebekhulu (53), Mzamo Cebekhulu (26) noBandile Cebekhulu (23).
Isihlobo ebesikhona kwenzeka isigameko, esicele ukungadalulwa sithe bebesemakhandleleni ngokushona kukaMnuz Nuh Cebekhulu, obedutshulwe eNewcastle ngoLwesithathu olwedlule.
“Mina nabanye, besikade siqeda kuhlanza igceke, njengoba besilungisela umngcwabo kaNuh ngesikhathi kufika abavulele ngenhlamvu besesangweni. Badubule babhekisa ngakuMzamo noBandile. Sithe sisamangele, kwaphuma uMbongiseni endlini ezobheka ngoba ezwe isibhamu esiqhumayo, kanti naye bazovele bamdubule,” kusho umthombo.
Uthe bonke bavele babaleka bagcwala izinkalo kodwa abasolwa babajaha baze babafica, baqhubeka babadubula.
Bobathathu bashonele esigangeni esibudebuduze nasekhaya.
Ucacise ekutheni abanalo ulwazi lokuthi obekulungiselelwa umngcwabo wakhe udutshulelweni fthi edutshulwa ngubani.
Nokho uthe abasolwa abadubule abafi abathathu, bebeke bazama ezinye izihlobo esigodini saseNdundwana, khona eNtambanana.
“Bebeqeda kusuka ekhaya, kade sinabo, base bevalelisa begoduka. Kwathi besesendleleni, bahlaselwa abasolwa, kodwa basinda ngokulambisa. Emva kwalokho abasolwa banikele ekhaya, bafike babulala abathathu,” kusho umthombo.
Uveze ukuthi nakuba bengeke balimise ngesihloko elokuthi bayabazi abasolwa, kodwa munye umndeni osendaweni, obahlalise lubhojozi ngempi athe akazi ukuthi yasuswa yini.
“Yaqala ngo-2009 lapho kwalala khona inqwaba yezidumbu, nhlangothi zombili, kudutshulwana, kodwa singazi ukuthi kwakubangwani,” kusho umthombo.
Uthe ohlangothini lwabo, kwabulawa abayisikhombisa ngalesosikhathi, wathi kulo omunye umndeni akasazi kahle isibalo sabashona.
“Yayiyimbi ngoba kwagcina sekubulawa nabangahlangene, ababezama ukuyilamula. Kubona kukhona namaphoyisa ayezama ukuphenya ngoba nawo ayengawendawo. Ubukhosi bendawo nezinduna, bayishiya ilenga, besaba ukwenziwa isilo sengubo,” kusho umthombo othe leyo mpi yagcina idamba emva kokwenziwa kwezaba ezithize.
Uthe njengoba isivuka manje, isivuswa yizingane ezincane ngoba abesilisa ababeyiqalile ngo-2009, iningi labulawa ngazo lezo zikhathi.
“Sisovalweni ngoba asazi ukuthi yini esazosehlela. Sifisa i-NIU (amaphoyisa) ingenelele ukuze idambe le ntuthu esiqala phansi manje,” kusho umthombo.
Kushaye isikhathi sokushicilela izolo ebusuku amaphoyisa engakayiphenduli imibuzo ayithunyelelwe ngalolu daba.