INCWADI: Life Esidimeni: Portraits of Lives Lost
UMBHALI: Harriet Perlman, nomthwebuli wezithombe uMark Lewis
ABASHICILELI: Jacana Media
KWASHAQEKA abaningi ngesikhathi kudalulwa isimo sokushona kwabantu ababenakekelwa ezikhungweni zikahulumeni eGauteng. Yize sekuphela iminyaka ecishe ibe wu-10, kwashona ababeyiziguli futhi bengaphilile kahle ngokomqondo kepha kusavuka iminjunju yosizi emindenini yabo.
Encwadini ethi Life Esidimeni: Portraits of Lives Lost, imindeni yeneka obala isimo ababephila ngaphansi kwaso ababeyiziguli. Ichaza ngempatho ababephila ngaphansi kwayo, ukunganakekelwa, indlala ababebhekene nayo nokuhlukumezeka kwabantu ababebathanda.
Okubi wukuthi uphenyo lwenziwa ngemva kokushona kwabantu abangu-144, ezikhungweni zezempilo ezazijutshwe ukuthi zibanakekele eziseGauteng. Umonakalo wase wenzekile kanti wawungaxazululeka ukuba abaphethe izikhungo babexoxa nemindeni yeziguli.
Phakathi kwezigameko ezishaqisayo esezenzekile eNingizimu Afrika, ngaphansi kukahulumeni wentando yeningi, lesi ngesinye sezehlo esaqubula imibuzo ngemigomo nezinqumo zeziphathimandla zabantu abamnyama, kwezempilo.
Ukushona kweziguli phakathi kuka-2015 no-2016, kwadalulwa ngemva kwemizamo yezinhlangano ezizimele futhi ezingenzi inzuzo, okubalwa i-Section 27, Sadag, neLife Esidimeni Family Committe, ezazifuna ubulungiswa neqiniso kwabaphethe. Inhloso yezinhlangano kwakuwukulwela ubulungiswa nokuthola izimpendulo zemibuzo yemindeni mayelana nokushona kwabantu abangu-144,
Umbhali wencwadi okunguHarriet Perlman nomthwebuli wezithombe uMark Lewis, baxhumana nemindeni yabashonayo ngenhloso yokubasiza ekutheni bakhiphe ingonyuluka ngezimo nempatho yeziguli eyaholela ekutheni bashone ekubeni bengaphansi kwamehlo abezempilo.
Izithombe ezishicilelwe encwadini, zixoxa indaba ngosizi lwemindeni yabashonayo. Zanikelwa yimindeni ngenhloso yokuthi umphakathi ubone futhi wazi ukuthi ngubani owashona, kuphi indawo.
Incwadi ixwayisa ngobungozi nobudedengu obenzeka ezikhungweni zezempilo ezinakekela abantu abagula ngokomqondo, igqugquzela abafundi ukuba bacophelele futhi balwe nokuhlukunyezwa kwabagula ngokomqondo.
Uma uthenga le ncadi usiza imindeni ukuthi ikwazi ukulwela ubulungiswa futhi ithole usizo lwabammeli.