BAHLUKENE phakathi abantu bakuleli ngoxhaso lwabafundi olukhishwe wumculi waseLimpopo, uMakhadzi.
Lesi sihlabani simemezele ukuthi sifuna ukuxhasa abafundi bakuleli abangu-20, abaphuma emindenini edla imbuya ngothi, ngemali yokubhalisa ezikhungweni zemfundo ephakeme.
Nebala umkhankaso wakhe obizwa ngeMakhadzi Student Registration Initiative, uthole izicelo kubafundi abangaphezu kuka-5 000. UMakhadzi uthe kumphathe kabuhlungu ukuthola izindimbane ezingaka zezicelo ngoba lokhu kusho ukuthi baningi abafundi abaswele.
"Ngizibophezele ukubamba elami iqhaza lapho ngingasiza khona kodwa ngidinga umphakathi uphonse itshe esivivaneni ngoba ngokubambisana singasiza inqwaba yabafundi," kusho uMakhadzi.
Nalu uhlu lwabafundi abaphumelele: Singo Rinamurena - Univen, Ratshitanga Austin - Univen, Munyai Fushani - Univen, Nethononda Dakelo - Univen, Ratshi Pfunzo - Univen, Musetsho Phindulo - Univen, Phophi Justice - Univen, Nethengwe Orifha - Univen, Mpilwenhle Nsibande - University of Pretoria, Siyamthanda Dlamini - University of KwaZulu-Natal, Tsireledzo Ratshilumeta - Unisa, Nyeleti Phillis Chauke - TUT, Human Nevumbani - Vaal University of Technology, Ernest Ngobeni - University of Limpopo, Mulaudzi Ntanganedzeni - University of Limpopo, Siboniso Elias Mavuso - University of Limpopo, Mathapelo Motsepa - UJ, Given Singo - Nelson Mandela University, Mogale Bongani Malesele - Univen noNokuthula Kunene - Univen.
Abanye bathi uMakhadzi ucwasa ngokobuzwe ekubeni abanye besishayela ihlombe isihe salo mculi.
UKinsley Collins uthe besingekho isidingo kuMakhadzi sokumemezela kubo bonke abantu ekubeni ubeqonde amaVenda.
U-Abraham uthe lolu xhaso beluqondiswe kubafundi base-Nyuvesi iVenda kuphela.
UNtokozo Ndeke Dlamini uthe kuyacaca okwempahla yembuzi ukuthi lolu xhaso beluqondiswe kumaVenda nakubafundi baseNyuvesi iVenda.
UShoki Matjuda uthe bekufanele uMakhadzi acacise ukuthi kudingeka amaVenda kuphela. UBrah Molaodi Kgomokaboya uthe bekuzoba ngcono ukube uMakhadzi ushilo ukuthi kufuneka abafundi base-Nyuvesi iVenda kuphela.
Yize kunjalo, abantu abayi nganxanye bengawona amanzi. Iningi libushayele ihlombe ubumnene bukaMakhadzi.
UKhwathaleni Negovha uncome isenzo sikaMakhadzi wathi uyalithakasela uhlu lwabakhethiwe. UScotch Mulanga uthe usebenzile uMakhadzi ngalo mkhankaso kodwa usephoxwa ukucwasa ngokobuzwe. URinae Mudau uthe ukuphawula kwabantu kuveza ukuthi noma ungenza kahle kanjani, abantu bayohlale bekugxeka.
UWendy Mkasi uthe abantu abanenkinga ngendlela uMakhadzi akhethe ngayo abafundi, abaqale owabo umkhankaso. UPhumudzo Magondo uthe izizwe ezininenkinga azicele amaqhawe azo axhase. Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engakatholakali uMakhadzi ukuba aphawule.