IMBONGI yodumo esinesikhashana yagcina ukukhipha izinkondlo ezintsha, uSbo Da Poet, ivumbuke esiteshini sezemidlalo iSuperSport lapho isikhangisa khona ngemidlalo ezayo.
USbo, ophinde abe wumlingisi, wagcina ukubonakala kuthelevishini elingisa emdlalweni osuwaphela, Isibaya kuMzansi Magic.
Ngesonto eledlule, ubonakale eseshaya inkondlo ebikezela ngomdlalo obungoLwesihlanu e-Orlando Stadium phakathi kwe-Orlando Pirates naMaZulu.
IPirates igcine inqobe ngo 2-1 kulo mdlalo weBetway Premiership.
Ngokuthola kwaleli phephandanda, uSbo uzohlala ebonakala enza izinkondlo ngemidlalo emikhulu yebhola ezosakazwa kusona lesi siteshi.
Ethintwa uthe kuyamjabulisa ukuthola ithuba esiteshini esikhulu njengeSuperSport.
“Ibhola ngiyalithanda, ngikhule ngilithanda. Izinkondlo ziyimpilo yami. Manje ukuthola ithuba lokuhlanganisa izinto ezimbili engizithandayo kufana njengokufezeka kwephupho kimi. Yize ngingeke ngande kakhulu ngalokhu kusebenzisana ngoba akuyona indawo yami kodwa ngiyabonga ukuthi bacabange mina uma befisa ukwenza into efana nalena,” kusho uSbo.
Uthe yize engakazikhiphi izinkondlo ezintsha kodwa kukhona amatasa ngakho.
“Zikhona izinkondlo ezintsha ebengizibhala abantu abazozizwa maduze. Abake babe nenhlanhla yokungibona ngiphethe uhlelo emicimbini ehlukene noma nginandisa bake bazizwe ngoba ngisezwa amanzi ngobhoko ngaphambi kokuthi ngiziqophe. Kunefilimu esayiqopha eJozini engilingisa phambili kuyo. Ingaphuma noma yinini, abantu abalindele.”