IMOTO: OPEL ZAFIRA LIFE ELEGANCE
UMA ungabeka ama-Opel Zafira adlule nale yamanje ungaze uphike wukuthi yimoto eyodwa ngenxa yokushintsha kwayo.
IZafira yimoto eneminyaka ikhona kwazise eyamanje wuhlobo lwesine. Uzokhumbula ukuthi kudala kwake kwaba khona neZafira OPC eyayingagcini ngokuba nesikhala kepha nejubane.
Ekhona manje yehluke ngezinhlobo ezimbili – yi-Edition ne-Elegance. I-Edition ilayisha abagibeli abayisishiyagalombili bese kuthi le esihamba ngayo yona ilayishe abayisikhombisa.
Ngaphandle ibukeka kahle futhi yibhasi eliqoqeke kahle elingekho lide kakhulu futhi elingekho banzi kakhulu.
Iyabukeka futhi inamaLED daytime running light ngaphambili namaheadlight obekumele nawo abe ngamaLED. Ayazikhanyisa kakhulu kodwa uma kumnyama aphinde adime uma kunenye imoto.
Amawindi ayo ezinhlangothini adime kamnandi ukuze ungababoni abagibeli ngaphakathi.
Ngaphakathi yilapho efike imangaze khona abaningi abayithatha kancane uma besayibukela kude. Izicabha ezinhlangothini zivuleka ngogesi kuhle kweMercedes-Benz V-Class, Hyundai Staria neVW Caravelle.
Ubingelelwa yizihlalo zesikhumba eziyisikhombisa. Yibhentshi elilayisha abathathu ngemuva, ababili phakathi bese kuba ababili ngaphambili okuhlanganisa umshayeli.
Isihlalo somshayeli siyafudumala futhi siyakuwotawota endleleni.
Ezangemuva izihlalo ziyaphenduka zibhekane futhi kunetafula phakathi nendawo. Nangemuva kwezihlalo zomshayeli kunokusatafula uma abashayeli bebheke phambili.
Isikhala kodwa akuyona into enkulu uma izihlalo zibukana nokungenza nishayisane ngamadolo uma nihleli.
Iphinde ibe nesunroof okhakhayini namakhethini emawindini. Kuyakhalisa kodwa ukuthi imoto engaka ibe nembobo eyodwa yokushaja nge-USB nakhona engaphambili. Nakhona uma ushaja ubuye ungazi ukuthi iselula uyibeke kuphi.
Inetouchscreen infotainment system encane lapho udlala khona umsakazo futhi izipikha engathi ungazithuthukisa ukuze umsindo uwuzwe kahle ikakhulukazi uma ungemuva. Kule screen kuvela ikhamera uma uhlehla futhi uxhuma iselula nge-Apple CarPlay.
Ibhuthi ayivuleki ngogesi njengakwiStaria kodwa isikhala sikhona futhi uma uthanda uyivula phezulu ewindini, ungayivuli yonke.
Injini ehamba ngayo ingu-2.0 turbodiesel enamandla angu-110kW netorque engu-370Nm. Injini izwakala inamandla akahle okuthwala abagibeli futhi isebenza kahle nogearbox oyi-eight-speed automatic transmission. Ishintsha ngesikhathi esifanele nokuyenza ibe mnandi ukuyishayela.
Kudizili ibiphuza amalitha angu-8.9 ngo-100km.
Kwa-Opel bayigaxe nezokuphepha okukhona kuzo ukuthi isho uma izoshayisa ngaphambili, iyasho uma umshayeli kumele ahlabe ikhefu, iyasho uma uphuma emzileni, iyasho uma kunemoto eseceleni futhi iyakutshela ijubane elivumeleke ukuhamba kulowo mgwaqo.
Iphinde ibe nekhamera esiza uma upaka kodwa isiteringi sithanda ukuqina mbijana.
Yibhasi elikahle futhi elibiza kahle i-Opel Zafira Life ngaphandle kwezinto ezimbalwa elishoda ngazo. Kumele basebenze kanzima ukugculisa abathengi ukuthi bakhethe lona kunezimbangi engizibale ngenhla eziyintandokazi kuleli.
INTENGO:
Opel Zafira Life Elegance - R869 900