IMOTO: Mercedes-AMG C 63 S E PERFORMANCE
YETHULWE nezinguquko ezinqala iMercedes-AMG C 63 S E PERFORMANCE obese zilokhu ziputshuke njalo izinsolo zokuthi izoba njani.
Ushintsho olukhulu ukuqedwa kwenjini eyiV8.
Kunalokho kufakwe engu-2.0l turbo eyifour-cylinder. Ihambisana nenjini yebhethri ngemuva okuthi uma kuhlanganisiwe kukhafule amandla angu-500kW netorque engu-1 020Nm.
Idonsa ngawo womane amasondo futhi bathi ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kuyithatha imizuzwana engu-3.4. Ijubane ligcina ku-280 km/h. Ugearbox uyi-9 speed ozishintshayo.
Abakuqhakambisa kakhulu kwaMercedes wukuthi bathathe ubuchwepheshe bezimoto zeFormula 1 babufaka lapha.
Ibhethri lingu-6.1 kWh futhi akulona elokuthi ihambe ibanga elide ingasebenzi injini kaphethroli ngoba uma ligcwele lihamba u-13km kuphela. Kunalokho elokuthi imoto ikhafule amandla ngokushesha. Uyayishaja ezindaweni zokushaja izimoto noma kwakho.
Le C 63 S entsha inamadrive modes ayisishiyagalombili okungu "Electric", "Comfort", "Battery Hold", "Sport", "Sport+", "RACE", "Slippery" no "Individual". Ashintsha indlela isiteringi esizwakalayo ngayo, indlela eshintsha ngayo amagiya nesuspension.
Bathe ukuze idume njenge “AMG” umsindo uphuma ezipikheni ngaphambili nangemuva futhi nangaphakathi ukuduma kuzwakala ezipikheni.
Eminye imininingwane ngayo izovela uma isiyethulwa eNingizimu Afrika ngesikhathi esingakaqinisekiswa.