YINTO ejwayelekile ukuthi izimoto zibe nenkinga yokuphelelwa yibhethri bese zidinga ukuthi ziphushwe noma kwenziwe ijumpstart.
USihlalo weMotor Industry Workshop Association (Miwa) uDewald Ranft, uthi kubalulekile ukuthi wazi indlela efanele yokwenza ijumpstart.
"Yize indlela yejumpstart ifana ezimotweni eziningi emgwaqweni kodwa ukubhusta imoto kungadala umonakalo ezintanjeni zemoto nekhompyutha uma kwenziwe ngendlela engafanele. Kubalulekile ukubheka ibhuku elichaza ngemoto kuqala, ubheke imiyalelo nokubona ukuthi zikuphi izindawo zejumpstart emotweni yakho, " kuchaza uRanft.
Uthe uma sewazi kubalulekile ukucisha yonke into negiya libe ku-neurtal emotweni edinga umlilo naleyo ozowuthatha kuyo. Uqhube wathi kusemqoka ukwazi ukuthi ama-terminal ami kanjani upositive (+) nonegative (-) futhi ulisule ukungcola ibhethri.
Uthe nakhu okumele ukwenze:
- Qala ufake upositive kwibhethri elingenamlilo.
- Faka upositive kwibhethri elinomlilo.
- Xhuma unegative kwibhethri elinomlilo.
- Xhuma omunye unegative kwelinye ibhethri elingenamlilo.
- Uma amabhethri womabili esexhunyiwe ngezintambo zakhona, linda umzuzu noma emibili ngaphambi kokuzama ukudumisa imoto edinga usizo.
- Dumisa imoto uyiyeke idume imizuzu emithathu kuya kwemihlanu ukuze ibhethri lizokhuphula umlilo ozokwenza ukuthi likwazi ukusebenza uma izintambo sezikhishiwe.
- Ngaphambi kokukhipha izintambo khanyisa amalambu noma uvule i-aircon ukuze kuzoncipha umlilo ongase ube khona uma usukhipha.
- Khipha izintambo ngendlela ephambene kunaleyo oxhume ngayo.