IMOTO: TOYOTA RAV4
INKAMPANI edayisa kakhulu eNingizimu Afrika, iToyota South Africa Motors, ifuna ukwandisa isibalo sama-hybrid ewadayisa kuleli ngokwethula amasha.
Ama-hybrid yizimoto ezihamba kuhlanganiswe ibhethri nenjini kaphethroli. Kuphele unyaka odlule bedayise angu-613 futhi kulo nyaka bafuna ukudayisa alinganiselwa ku-4 643.
Ngonyaka odlule, bethule intandokazi iCorolla Cross base beqeda ngeRAV4 GX okuyiyo ebiyisingeniso emndenini wamaRAV4.
La maRAV4 amabili ethuliwe okuyiGX-R hybrid E-FOUR neVX hybrid E-FOUR womabili ahamba ngenjini engu-2.5 litre kaphethroli nebhethri. Injini kaphethroli inamandla angu-131kW ne-torque engu-221Nm bese kuthi ibhethri ngaphambili libe no-88kW no-40kW ngemuva netorque engu-202 no-121Nm.
Uma kuhlanganisiwe, kukhipha amandla angu-163kW. Ino-gearbox ozishintshayo oyiCVT. Idonsa ngawo womane amasondo uma isuka noma usunyathela amafutha, bese ihamba ngamabili uma usuhamba kahle. Ithule kahle ngaphakathi ivulekile futhi intofontofo.
Lapho enhle ngakhona, yindlela eyonga ngayo uphethroli ngoba ngo-100km bathi idla amalitha angu-4.8. Ngesikhathi siyishayela yethulwa, sihambe ibanga elingaphezu kuka-100km uthi lukaphethroli linganyakazi futhi idla amalitha angu-5.6. Inethangi elingu-55 wamalitha, okuthi uma ligcwele ukwazi ukuhamba ibanga elilinganiselwa ku-1 145km, kuya ngendlela oshayela ngayo.
Lezi zimoto zinamandla akwazi ukudonsa isisindo esingu-1000kg.
Kwezokuphepha zifika nama-airbag, ABS, EBD, Brake Assist, Vehicle Stability Control, Trailer Sway Control (TSC), Hill Start Assist neDownhill Assist Control (DAC), bese kuthi iVX yengeze i-Cruise Control, Lane Trace Assist, Blind-Spot Monitoring (BSM) ne-Rear Cross Traffic Alert (RCTA).
I-VX iphinde ibe nekhamera ngemuva esiza ukuthi ubone ngemuva esibukweni saphakathi uma mhlawumbe unezimpahla ezikusitha ukwenza lokho ngaphakathi.
Ngaphandle zibukeka kahle ngemibala emihlanu okhetha kuyo egqamile.
I-GX-R inamaLED headlights namayatime running lights, ama-fog lamps, ama-roof rails, namarimu amasha angu-18 inch. Ngaphakathi inezihlalo zesikhumba ezifudumalayo ziphinde zibande.
Ifaka ama-USB amahlanu nendawo yokushaja ngaphandle kwentambo, touchscreen infotainment system ekwazi ukuxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto iphinde idlale neCD, ikhamera eveza ingemuva nokunye.
Kwi-VX kwengezwe ukuthi isihlalo somshayeli sihlelwe ngogesi, ama-sensor ngaphambili nangemuva, izibuko ezigoqeka ngogesi, amalambu azikhanyisa kakhulu aphinde azidimise uma kumnyama, nokunye.
Intengo:
RAV4 2.0 GX-R CVT AWD - R 606,600
RAV4 2.5 GX-R CVT Hybrid E-Four - R 644,100
RAV4 2.0 VX CVT 2WD - R 617,000
RAV4 2.5 VX AT AWD - R 702,300
RAV4 2.5 VX CVT Hybrid E-Four - R 723,200
Zifika ne-service plan yeminyaka eyisithupha noma u-90 000km, i-warranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km neyebhethri yeminyaka eyisishiyagalombili noma u-195 000km kwezingama-hybrid.