UYAQHUBEKA nokuzwela embonini yezimoto umthelela wemvula enamandla ehlasele KwaZulu-Natal muva nje njengoba kuphazamisekile ukudayisa ngoMeyi.
INational Association of Automobile Manufacturers of South Africa (Naamsa) ithe ukudayisa kwezimoto ezintsha ngoMeyi kuphazanyiswe yimvula kanjalo nesimo somnotho.
Ithe zibe ngu-39 177 izimoto ezidayisile nokuyisibalo esinyuke ngo-819 noma u-2.1% uma kuqhathaniswa no-38 358 owadayiswa ngoMeyi wonyaka odlule.
Isibalo sezimoto ezidayise ngaphandle kwakuleli sehle ngo-11 013 noma u-29.9% zaba ngu-25 786 ekubeni ngesikhathi esifanayo nyakenye zazingu-36 799.
Yize ifemu yakwaToyota eseThekwini lapho kukhiqizwa khona iHilux, Corolla Cross, Corolla Quest, Fortuner neHiace Ses’fikile ivaliwe ngemuva kwezikhukhula zango-Ephreli kodwa le nkampani iqhubekile nokuzihola phambili ngokudayisa a izimoto ezingu- 6,664.
Izinto ziyihambela kahle iSuzuki Auto njengoba isibalo sezimoto ezidayisile sinyuke ngo-630 kweyazidayisa ngo-Ephreli. Lokhu kwenze yephula irekhodi layo lenyanga njengoba idayise ezingu-4 331 futhi kwayenza yaba yinkampani edayisa kakhulu esigabeni sezimoto ezincane.