KWABATHUTHA impahla ngamaCargo Van kepha abanqena umsebenzi wabo ngenxa yezimoto ezindala abazishayelayo, iFord Transit Custom entsha ibuyisa umdlandla wokusebenza.
Ubuntofontofo bayo benza ukhohlwe ukuthi uhamba ngemoto yokuthutha impahla. Ukhunjuzwa ukuthi ayinaso isibuko esiphakathi nendawo ngaphambili sokubuka okuza emva kwakho njengoba usebenzisa ezisemaceleni kuphela ngoba yakhelwe ukulayisha impahla.
Cishe izimbangi zayo okuyiToyota Quantum, Hyundai Staria, Volkswagen Transporter nesanda kwethulwa iMercedes-Benz Vito yenze isiqiniseko ukuthi iziphonsela inselelo ngakho konke. Inesikhala sokulayisha impahla esingu-5.8m3 esithwala isisindo esingu-1 269 kg. Sekulula ukufika esikhaleni sokulayisha ngoba isicabha sivuleka kakhulu futhi kunesitebhisi sokungena. Baphinde bayehlisa uma uqhathanisa nendala nokwenza kungeneke kalula.
Kusona isikhala sokulayisha kunezindawo zokubophela intambo, phansi kufakwe iqamba futhi kunamalambu angamaLED kukhanyisa.
Uma lesi sikhala singenele, uyakwazi ukudonsa inqola efinyelela esisindweni esingu-2 500kg.
UNeale Hill onguMengameli weFord Motor Company Africa uthe bakuqaphelile ukuthi lolu hlobo lwezimoto luba nenkinga yokungena ezindaweni eziningi ngenxa yokuphakama kwazo, yingakho beyehlise ngo-100mm ukuze ukwazi ukungena noma yikuphi uma uhambise umthwalo.
Ebuchwephesheni iphuma ne-touchscreen infotainment system enngu-13 inch ebheke ngakumshayeli futhi ineSYNC 4. Lapha ukwazi ukuxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto, iveza ingemuva uma uhlehla nokunye. Kuphinde kube ne-instrument cluster engu-12 inch.
Kwezokuphepha inamabhreki i-ABS, EBD ne-EBA, Electronic Stability Program neTraction Control, Hill Launch Assist, Driver Alert, Collision Mitigation, Lane Keeping Aid, Roll Over Mitigation, Tyre Pressure Monitoring System nama-airbag ayisithupha.
Uma uthanda ufaka amalambu angamaLED ukuze ubone kahle ebusuku.
Iphinde ibe neFordpass ekusiza ekutheni ukuyivule noma uyivale futhi ikusize usheshe uyithole ukuthi uyipake kuphi, iyakutshela uma kukhona okungahambi kahle kuyona noma sekumele ushintshe amafutha.
Iphuma inenjini engu-2.0L Single Turbo Diesel enethangi le-AdBlue elingu-12 litre. Okwamanje kusekhona eshintshwayo enamagiya ayisithupha. Ngokwamandla ifuqa u-100kW no-360Nm we-torque. Uyakwazi ukuyishayela ngendlela othanda ngayo njengoba ukwazi ukuyibeka kuNormal, Eco noSlippery. Idonsa ngaphambili.
Intengo:
Transit Custom Base Long Wheelbase Van 2.0L SiT 6MT - R692 200
Ifika ne-warranty yeminyaka emine noma u-120 000km, roadside assistance yeminyaka emine ne-distance corrosion warranty yeminyaka emihlanu.