IMOTO: HYUNDAI CRETA
KUNGASE kube nzima ukuqaphelisisa iCreta yiSport Utility Vehicle (SUV) yakwaHyundai, ngenxa yezinguquko eziyenza ibukeke njengeTucson entsha.
ICreta yiSUV encane eyaqala ukudayisa kuleli ngo-2017 futhi ingaphansi kweTucson yakwabo enkulu.
Ungaze udideke, lena akuyona iGrand Creta efike ngoMashi nonyaka, elayisha abagibeli abayisihlanu ekubeni iGrand Creta, ithwala abayisikhombisa.
ICreta entsha ifike ngo-2020, njengoba isithuthukiswa nje. Ingaphambili layo selishintshwe kakhulu lafakwa i-grille efana neyeTucson, kanye namalambu akhelwe kuyo i-grille. Isifika namarimu angu-17-inch ekubeni phambilini abengu-16 inch. Ngemuva futhi alisekho ilambu esivalweni sebhuthi kanti nobhampa ongemuva wehlukile.
ICreta entsha ihlukene ngezinhlobo ezintathu, okuyiPremium eno-gearbox oshintshwayo, iPremium eno gearbox ozishintshayo obizwa nge- IVT (Intelligent Variable Transmission) kugcine nge -Executive IVT. Uzoqaphela ukuthi ayisekho i-Executive kadizili.
Wonke amaCreta anenjini kaphethroli engu-1.5 litre engenayo i-turbo. Anamandla angu-84kW ne-torque engu-144Nm. Ukuba namasondo amakhulu akwenzi umehluko omkhulu endleleni entofontofo ngayo.
Ngaphakathi izinto enazo iCreta zihlanganisa itouchscreen infotainment system, exhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto, ikhamera eveza ingemuva uma uhlehla, amasensor ngaphambili nangemuva, indawo yokushaja ngaphandle kwentambo, cruise control, isipele esilingana nawo wonke amasondo, ama-airbag nokunye.
Intengo:
Creta 1.5 Premium MT - R409 900
Creta 1.5 Premium IVT - R429 900
Creta 1.5 Executive IVT - R469 900
Ifika neservice plan yeminyaka emine noma u-60 000km, iwarranty yeminyaka eyisikhombisa noma u-200 000km kanti ineroadside assistance yeminyaka eyisikhombisa noma u-150 000km