UNGOTI wezezimoto uthi kuningi abashayeli abangakwenza ukugwema ukuzwela kwentengo yamathayi, okuthiwa ingase yenyuke.
Kuleli sonto iTyre Importers Association of South Africa (Tiasa) nabezindaba izolo, ithe iContinental, Bridgestone, Goodyear neSumitomo okuyizinkampani ezaziwa ngeSA Tyre Manufacturers Conference (SATMC), zingase zinyuse intengo yamathayi ngemali efika ku-41%.
Kuthiwa abeSATMC bafake isicelo kwi-International Trade Administration Commission (Itac), sokuthi kwengezwe intela ngamaphesenti aphakathi kuka-8 no-69% emathayini alandwa eChina, awezimoto ezincane, amatekisi, amabhasi namaloli.
Ungoti wezezimoto uSibonelo Myeni we-iMoto Online, uthe abashayeli bangenza okuningi ukuze amathayi abo alondeke isikhathi eside.
“Okokuqala nje wukuthi uhlala njalo wenza isiqiniseko sokuthi afuthwe ngendlela. Uma efuthwe kakhulu adleka ngokushesha phakathi nendawo futhi kungenzeka aqhume. Asikho nesidingo sokuthi uze uqagele ukuthi kumele ufake umoya ongakanani ngoba esicabheni somshayeli uma usivula kuyabhalwa eceleni,” kusho uMyeni ongeze ngokuthi nokuqondiswa kokulandelana kwamadondo kubalulekile.
Uqhube wathi kubalulekile nokuwaphambanisa amasondo ukuze aguge ngokulingana.
“Uma imoto idonsa ngamasondo angemuva, awangemuva yiwo azoguga kuqala. Uma eseqala ukungafani nawangaphambili washintshe uwaphambanise. Lokho kuzokwenza ukuthi uhambe amakhilomitha engeziwe aphakathi kuka-3 000 no-5 000,” kusho uMyeni.
Uthe nendlela abantu abashayela ngayo inomthelela ekugugeni ngokushesha kwamathayi abo.
“Uma ushayela budlabha emakhoneni noma usuka mawala, adleka kakhulu amathayi. Ngale kwalokho nje nophethroli uyawonga uma ushayela kahle okunciphisa izindleko zakho. Nokubhreka futhi ngale kwama-brake pads kodwa namathayi ayadleka. Ukugijima futhi kwenza adleke ngokushesha,” kuchaza uMyeni.
Ngokwenkampani yamathayi, iMichellin, uma amathayi eneminyaka engu-10 akhiwa, kumele ashintshwe ngisho ngabe abonakala esemasha. Ithe lokhu kumele kwenziwe nasesondweni eliyisipele.
ITiasa ithe uma isicelo seSatmc siphumelela, intengo yamathayi amatekisi izonyuka ngo-41%, eyezimoto ezincane izokhuphuka ngo-38 kuya ku-40% kuthi eyamaloli namabhasi inyike ngo-17%.
UMnuz Charl de Villiers, uthe lokhu kungenza abanikazi bezimoto bathenge amathayi angamasekeni noma bathathe isikhathi ngaphambi kokuwashintsha, okungabeka abasebenzisa umgwaqo engcupheni.