IMOTO: VOLKSWAGEN CADDY MAXI
IVOLKSWAGEN Caddy yimoto engathandwa yiwo wonke umuntu kodwa enabantu bayo abayikhonzile.
Lokhu ngikuqaphele ngesikhathi ngihamba ngayo muva nje kunabantu abaqhwebanayo bekhombisana ngayo.
Iningi labo bekungabavele bahamba ngayo iCaddy kodwa izinhlobo ezindala kwazise lena ngeyesizukulwane sesihlanu.
ICaddy yimoto okungaba ngeyomndeni kwazise ilayisha abagibeli abayisikhombisa okanye kube ngeyebhizinisi ukuze ihlale abantu abaningi.
Ngeke ngize ngiyichaze njengemoto ewubutsetse kodwa yimoto yokufeza izidingo.
Ngaphandle inamalambu angamaLED ngaphambili nangemuva namarimu angu-16 inch.
Ngaphakathi ukhangwa yindlela ekhanya ngayo ngenxa ye-panoramic sunroof enkulu abayengezile kodwa ayivuleki. Nasebusuku iyangichaza indlela ekhanya ngayo ngoba ikhanya bha kwazise inamalambu eLED nangaphakathi.
Izihlalo zilayisha abagibeli abayisikhombisa okuhlanganisa nomshayeli. Yize iyinde kodwa ezihlalweni zangemuva kuba ngcono uma kuhleli omuntu ongemude ngoba ziphakeme angashaya ikhanda futhi ampintsheke namadolo.
Amawindi awavuleki futhi azikho izimbobo zokungenisa umoya we-aircon. Yize kunjalo kodwa ugcina ufikile ongaphambili futhi kushoda nezindawo zokushaja nge-USB. Izimbobo zokushaja zimbili ngaphambili futhi zimbili nasezihlalweni zaphakathi.
Uma zimile zonke izihlalo isikhala ebhuthini silinganiselwa ku-446l. Kubuye kube yinkinga ukulayisha khona ngoba kumele ume endaweni engampintshekile ukuze isicabha sivuleke kahle siye phezulu. Bekungaba kuhle ukuba uyakwazi ukuvula phezulu engilazini kuphela uma uphethe izinto ezincane. Ngaleyo ndlela futhi ibizokwazi nokulayisha okuningi ngoba bekuzobambeka.
Okuhle ngeCaddy wukuthi uma udinga isikhala uyakwazi ukuyikhipha izihlalo futhi kuyinto elula ukwenza lokhu kanjalo nokuzibuyisela. Ungakhipha isihlalo esisodwa noma ezimbili okanye uzikhiphe zonke bese uba nodedangendlale wesikhala sokulayisha.
Ngaphandle kwesikhala sebhuthi, kunezinye izikhala zokubeka impahla njengasezicabheni nangaphambili.
Ngaphambili inetouchscreen infotainment system lapho uxhuma khona iselula nge-Apple CarPlay ubone inkombandlela, udlala umsakazo, ubone ingemuva njengoba inekhamera futhi yilapho uhlela khona namazinga okushisa. Okunye enakho yi-cruise control.
ICaddy inenjini engu-2.0 litre TDI enamandla angu-81kW ne-torque engu-300Nm. Uma ungakayijwayeli izocisha uma usuka noma kade unciphisa isivinini kodwa lokhu ungakugwema ngokufaka igiya eliphansi uthi ukunyusa amarevvs mbijana. Isebenzisa u-gearbox oyi-6 speed oshintshwayo futhi amagiya angena kalula.
Okunye okumele ukwenze ukukala kahle ngaphambi kokuzama ukudlula enye imoto ngoba iyabambezeleka ngaphambi kokungena ejubaneni ngenxa ye-turbo lag.
Emgwaqweni ihamba kahle futhi namabhampu awuwazweli kakhulu. Kudizili ayikhalisi ngoba ngo-100km ibidla amalitha angu-6.4 ethangini elingu-60 litres.
Intengo:
R600 400
Ifika ne-service plan yeminyaka emithathu noma u-60 000km ne-warranty yeminyaka emibili.