IMOTO: FIAT 500X CROSS
SEKUWUMLANDO ukuthi izinhlobo zeFiat 500 zandiswa ngesikhathi kwethulwa i-500X eyiSUV eminyakeni embalwa eyedlule.
IFiat 500X iyimpendulo yakwaFiat kuleli dumela lamaSUV oludlangile, hhayi kuphela kuleli kepha nakwamanye amazwe.
Le moto bayithuthukisile ngokuyishintsha lapha nalapha base bengeza nezinye izinhlobo.
Ifika ikhanyisa ngamalambu angamaLED kanjalo nama-fog lights, ine-skid plate, ama-roof rails, i-spoiler ngemuva namarimu angu-18 inch. Konke lokhu namakhava ezibuko amnyama kuyenza kube yimoto engakwenzi unxaphe wedwa uma uyibuka.
Ngaphakathi enye yezinto yokuqala kudonsa ezimotweni zesimanje yi-touchscreen infotainment system. Kulokhu ikudonsa ngendlela engekho yinhle ngoba incane kakhulu ingu-7 inch.
Incane injalo kodwa iyawenza umsebenzi ngoba iveza inkombandlela, uxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto, Bluetooth, ukudlala umsakazo, iphinde iveze nengemuva uma uhlehla.
Uma uhamba nabagibeli abalishiyile igabade, ngeke nifike niseneme lapho uya khona ngoba isikhala sokuhlala siba yimbijana.
Emgwaqweni ihamba ngenjini engu-1.4 litre kaphethroli eno-gearbox oyi-six speed automatic.
Inamandla angu-103kW ne-torque engu-230Nm. Ku-gearbox bathi idla amalitha angu-5.7 kodwa kimi ibidla angu-7.1 ngebanga elifanayo.
Iyazama ukuthi abagibeli bengawazweli kakhulu amabhampu ngaphakathi futhi nesiteringi sinesisindo esikahle uma ujika noma upaka.
Ukuphepha abakukhohlwanga ngoba bayigaxe ama-airbag ayisithupha, ayihlehli uma isuka endaweni enyukelayo futhi ine-cruise control.
Intengo:
Fiat 500X Cross – R509 900
Ifika ne-service plan yeminyaka emithathu noma u-60 000km ne-warranty ne-roadside assistance yeminyaka emihlanu noma u-100 000km.