UHULUMENI waseKing Cetshwayo District uvule izandla ekwesekeni abadlali bezimoto abafuna uxhaso.
Lokhu kushiwo yiMeya yesifunda uThami Ntuli njengoba bezoba nomcimbi wokudlalwa kwezimoto.
“Sifake umdlalo wezimoto ngoba yinto ethandwa ngabantu abasha. Sithe uma sibuka kuzuzisa abantu abasha. Kuzobe kukhona nalaba abangamabhinca abahamba ngezimoto ezahlukene (Ijongo Fest) abake babonakala kwaMax eThekwini,” kusho uNtuli.
Izidudla zizobe sishaywa eRichards Bay Sports Complex namhlanje, kusuka ngo-1 emini.
Lokhu kuyingxenye yeKing Cetshwayo June Traditional Horse Racing Event ezosongwa kusasa.
“Abadlali balo mdlalo baye badinge indawo ephephile ekhonkiwe phansi. Uma sebeqhamuka nombono wokuthi bafuna ukukhulisa umdlalo siyobalalela siyiKing Cetshwayo futhi ngeke sihluleke,” kusho uNtuli.
Uthe balindele abantu abangaphezu kuka-10 000 ukuba bathamele imicimbi yangempelasonto. Uthe amathikithi aqalile ukutholakala mahhala kwaBoxer, Pick n’ Pay naseWebtickets.
“Konke kumi ngomumo. Yinyanga yentsha. Abantu abasha bazohlumula kusuka kwabamodelayo, onobuhle nasemahhashini. Amaciko kuzobe kungabantu abasha. Umcimbi uzokhulisa umnotho nokuvakasha esifundeni. Izindawo zokulala ziya ngokugcwala.”
Ngaphandle kwezimoto, namhlanje kuzoba noMr & Miss King Cetshwayo & Fashion Sho, umjaho wamahhashi kusasa eMpangeni Airfield nefestivali yomculo eRichards Bay Sports Complex.