BAYANDA abesifazane abafuna ukwazi kabanzi ngezimoto ezingama-4x4 emcimbini i-4x4 Mountains & Valleys Experience.
Umsunguli wali mcimbi oba kanye ngenyanga, uMjey Zama, uthe selokhu beqalile isibalo sabesifazane abangenelayo silokhu sikhula njalo.
Kulo mcimbi abashayeli bafika nezimoto zabo bese bengena obhuqwini befundiswe ukuthi bamelana kanjani nezimo zomgwaqo wakhona ukuze bengabhajwa. Bafundiswa ngamabhathini asebenza ezimeni ezahlukene nokuthi bamelana kanjani nezingqinamba abahlangana nazo emigwaqeni.
Ngempelasonto umcimbi obuse Clifton Canyon 4x4 Track, eHillcrest, wenziwe ngokubambisana neqembu iKZN Jeepers Club.
“Baningi kakhulu abebekhona bayanda abesifazane nokuyinto esijabulisayo,” kusho uMjey.
Selokhu uqalile lo mcimbi ezinyangeni ezedlule uthe ubeqala ukuthi ube mkhulu ngendlela obuyiyo.
“Uhambe kahle kakhulu ngoba bekunamaJeep Wrangler angu-100. Kuyangijabulisa ukuthi uyakhula noma imali ingekho. Imali ayingeni abekho abaxhasi. Ubukhona babo kuzosiza ukukhokhela izindleko nabasebenzi ngoba abaningi bayasiza nje.”
IPhini likaMengameli weKZN Black Jeepers Club, uMinentle Msindwana, waveza ukuthi abashayeli abazobe bekhona ngabavela ezifundazweni ezahlukene okubalwa kuzo iMpumalanga, Gauteng naseFree State.
UMjey uthe baszoqhubeka nokwenza ezindaweni ezahlukene lo mcimbi futhi olandelayo uzoqinisekiswa maduze.