KUGQUGQUZELWA bonke abashayeli ukuthi baqaphele ngamaholidi asebusika. AbeRoad Safety Partnership South Africa (PSP-SA) bathe yize uJulayi ungangqamile ngezingozi njengoDisemba nePhasika kodwa ucwaningo olwenziwe yiNyuvesi yaseNorth West, luveze uJulayi njengenye enezingozi zezimoto eziningi.
“Akube yisikhathi ongeke usikhohlwe, hhayi sokuzisola nokuphatheka kabi. Yenza konke ukushintsha izibalo ngokwehlisa umoya emgwaqweni nokugwema ukushayela budedengu, njengokudlula imoto endaweni engafanele.
“Njengawo wonke amaholidi, izibalo zokufa kwabantu emgwaqweni zisikhombisa imbangela efanayo ngezingozi emgwaqweni yethu. Cabanga ngomshayeli owacasuka wabe eseshayela budedengu noma umshayeli owangena emotweni ngemuva kokushaya iziphuzo ezimbalwa, ezitshela ukuthi kulungile, noma owaziba ukukhathala noma owabamba iselula imizuzwana.”
Ithe uma uhulumeni ekhipha izibalo zezingozi akuzona ezokunikina. Ikhanda kodwa wonke umshayeli kumele aziqaphelisise.
“I-PSP-SA igqugquzela wonke umshayeli ukuthi enze izinguquko endleleni ashayela ngayo ezomenza ukuthi aphephe futhi agweme ukuphindeka kwezibalo zokufa esizibona njalo ngamaholidi.”