UFISA noma yiluphi uxhaso olungenza akhe izimoto ezingcono uSkhosiphi Ntini ozakhele imoto yakhe eyisusa phansi.
UNtini (43) waseTafelkop, eMariannhill, eThekwini, uzakhele imoto engenagama ngo-2010.
“Ngangifuna ukuzakhela into engizohamba ngayo nje endaweni. Ngahlanganisa izinsimbi zemibhede, izihlalo zeplastiki ngathola nenjini yeNissan 1400. Angiyazi nokuthi inamandla angakanani kodwa iyawubamba u-100km/h futhi inamagiya amane ashintshwayo,” kusho uNtini.
Uthe akayena umakhenikha futhi akafundiswanga wumuntu ukwakha izimoto, wayezenzela nje.
“Ngaqala ngebhayisikili ngisafunda engalifaka injini lahamba. Ngiyazisevisela imoto yami, kade ngisanda kushintsha amafutha nje. Nabantu bayayithanda futhi bashutha nayo kodwa mina ngangingenzeli ukubukwa,” kusho yena.
“Ngicela uxhaso ngakhe yesibili ezoba ngcono. Ngingakujabulela nokuya esikoleni ngiyofunda kabanzi ngalo msebenzi. Esikoleni ngagcina kwaGrade 11 ngoba uMatric angiwuphumelelanga. Ngingajabulela nezinjini nanoma yini ukuze ngakhe enye,” kunxusa uNtini.