IMOTO: KIA SPORTAGE
IMINDENI inokuningi okumele icabange ngakho kusuka manje kubhekwe emaholidini kaDisemba nangale kwawo.
Ngaphandle kokuthi izovakasha kuphi noma yini ezoyenza kodwa leyo edinga imoto sekumele ingabe isawashalazela amagaraji akwaKia.
Phela sekukhona iSportage entsha ezobanga abathengi nomzala wayo iHyundai Tucson, Volkswageen Tiguan, Mazda CX-5 nezinye.
ISportage akulona igama elisha njengoba eyokuqala yethulwa ngo-1993 futhi entsha kuyinhlobo yesihlanu.
Indlela ebukeka ngayo yinhle ngeke ungayinaki uma iqhamuka futhi inezinhlobo ezahlukene. Kune-LX, EX, GT-Line, GT-Line Plus ne-GT-Line S. Zonke zinezinto eziyenza yehluke kwezinye ngokulandelana.
Ezifana ngakho nokho yinjini engaphansi kwebhonethi.
Iyodwa kuphela futhi ingu-1.6 litre turbo kaphethroli. Inamandla angu-132kW ne-torque engu-265Nm. U-gearbox uyi-7 speed Dual-clutch transmission.
KwaKia kumele bashayelwe ihlombe ngokwakha imoto enhle futhi ehluke kakhulu kunendala. Inemibala engu-12 edida unwabu okhetha kuyo okukhona kuyo osawolintshi, osalamula, omnyama, obomvu neminye.
Kuya ngenhlobo yakho kodwa amarimu aqala ku-17 aze agcine ku-19 inch.
Kunamalambu angama-LED ngaphambili nama-LED daytime running lights.
NGAPHAKATHI amehlo athathwa yi-touchscreen infotainment system engu-12.3 inch ehlala ngaphambili. Igqame kahle futhi yilapho udlala khona umsakazo, uxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto, ubona ingemuva uma uhlehla nokunye.
Kuya ngenhlobo yakho kodwa izihlalo zangaphambili zihlelwa ngogesi futhi ziyakwazi ukubanda nokufudumala.
Izihlalo lezi zintofontofo nengaphakathi lokho emotweni likhulu futhi nezindawo zokushaja awuzesweli. Ibhuthi nayo inkulu isikhala singu-591 litres.
Ukuphepha kwabagibeli abakukhohlwanga ngokufaka ama-airbag ayisithupha, iyazibamba ingahlehli uma usuka endaweni enyukelayo, iyakusiza ukuhlala emzileni ngokujikisa isiteringi, ihamba ngejubane olikhethile inciphise uma kunesidingo nokunye.
Intengo:
Kia Sportage 1.6 T-GDi LX: R 539,995
Kia Sportage 1.6 T-GDi EX: R 593,995
Kia Sportage 1.6 T-GDi GT-Line: R 649,995
Kia Sportage 1.6 T-GDi GT-Line Plus: R 677,995
Kia Sportage 1.6 T-GDi GT-Line S: R 734,995
Ifika ne-warranty yeminyaka emihlanu ehlanganisa neRoadside Assistance ne-service plan yeminyaka eyisithupha noma u-90 000km.