IMOTO: HYUNDAI PALISADE
Kunezimoto othi uma uzibukela kude ungazinaki kodwa uma ususeduze ishintshe indlela oyibuka ngayo.
“Hawu kanti inje le moto ngaphakathi?!”
Yiyona ndlela abaningi abebebabaza ngayo uma bevula iHyundai Palisade.
Ingaphakathi alishintshile kakhulu kunendala eqale ukufika ngo-2021 kodwa inkinga wukuthi abantu abaningi abakaze bayinakisise le moto.
Ukungadumi kwayo kangako kufakazelwa wukuthi ngoFebhuwari nonyaka kwaHyundai Automotive South Africa bebesathe badayise angu-256.
Ingaphandle layo uma uyiqhathanisa nendala yilo abalithuthukise kakhulu. Isho ngekhala elikhulu eliyenza igqame uma uqhamuka nokwenza omlandelayo asheshe akhumbule ukuthi akakugudlukele akunike indlela.
Ukuhamba ebusuku noma emini kuyafana ngoba ikhanyisa ngamalambu angama-LED. Bengiyibona kahle imigodi egcwele emgwaqweni osuka eMpangeni ubheke eNkwalini ngiyivika kungaze kulimale amasondo anamarimu angu-20 inch.
Ngaphakathi iwubukhosi isikhala wudedangendlale. Izihlalo enazo ziyisikhombisa futhi ziyisikhumba.
Isiteringi lesi basishintshile futhi kuwusizo kabi ukuthi uyakwazi ukusifudumeza njengoba sekubanda nje, kanjalo ne-instrument cluster nayo bayishintshile.
I-touchscreen infotainment system bayithuthukisile bayengeza ezinye izinto njengokuthi ukwazi ukuxhuma amaselula amabili ngeBluetooth kanye kanye. Amabhathini afuna uqale uwabukisise kahle ukuthi ngawani ukuze angakudidi uma ususendleleni.
Njengoba ngishilo ukuthi iwubukhosi ngaphakathi lokho akugcini ngaphambili kuphela kepha nangemuva.
Abagibeli bangemuva nabo bayakwazi ukuzihlelela amazinga okushisa. Izihlalo zaphakathi ziyakwazi ukufudumala nokubanda njengoba kwenza ezangaphambili.
Uma abangemuva befuna ukuphumula, kunamakhethini ewindini noQuiet Mode owenza ukuthi umculo ucime kubo ukhale ngaphambili kuphela.
Okunye engikuthanda ngayo wukuthi akekho obangisa omunye ukushaja ngoba izindawo zikhona ngaphambili nangemuva kuze kuyoshaya ezihlalweni zokugcina.
Injini iPalisade ehamba ngayo kuseyiyo engu-2.2 litre turbocharged kadizili njengasekuqaleni. Inamandla angu-142kW ne-torque engu-440Nm. U-gearbox uyi-8 speed auto othumela amandla kuwo wonke amasondo.
Intofontofo emgwaqweni futhi ithule uma isihamba. Iyabambelela nasemakhoneni yize ikukhumbuza ukuthi iyimoto enkulu uma uthi uzama ukujika mawala.
Ngikwaze ukuhamba amakhilomitha alinganiselwa ku-850 ngethangi elilodwa likadizili idla angu-8.0 ngo-100km. Lokhu kungaphansi kuka-8.2 oshiwo kubo.
Iphephile injalo ngoba inezinto eziningi abazengezile eziqinisekisa lokhu futhi ezenza nempilo yomshayeli ibe lula.
Kumele uyibheke iPalisade ngaphambi kokuyobukela eduze iFord Everest, Toyota Land Cruiser Prado okanye iLand Rover Discovery.
Intengo:
Palisade R2.2 7 seater Elite AWD AT - R1 099 900.
Ifika ne-warranty yeminyaka eyisikhombisa noma u-200 000km, i-service plan yeminyaka eyisikhombisa noma u-105 000km neRoadside assistance yeminyaka eyisikhombisa noma u-150 000km.