UMMELI weDSC Attorneys, uKirstie Haslam, uthi abantu bangakwazi ukucela isinxephezelo uma belinyazwa ngama-airbag angasebenzi.
“Ngaphansi komthetho iConsumer Protection Act ka-2008, uma ulimala ngenxa yokuthile okuyingxenye yemoto okungasebenzi ngendlela noma okunobungozi njenge-airbag, ungakwazi ukucela isinxephezelo sezindleko zokulashwa, ukulahlekelwa yimali noma izinhlungu,” kusho yena.
Uthi esicelweni sesinxephezelo ngenxa ye-airbag, baningi okungenzeka ukuthi basephutheni. Kungaba yinkampani eyakha imoto, eyakhe i-airbag uqobo noma yigaraji.
“Kulele kumnikazi wemoto ukuthi aveze ubufakazi bokuthi yi-airbag enenkinga. Bonke abathintekayo baphoqeleke ukuthi benze isiqiniseko sokuthi konke okusemotweni kusebenza njengenhloso yakho,” kusho uHaslam.
Uthi i-airbag iphuma esivinini esifinyelela ku-300km ngehora futhi uma umgibeli efase ibhande, amathuba okuthi asinde angapphezu kuka-60%. Uma umuntu engalifasile ibhande ushaya kwi-airbag ngesivinini esiphezulu.
Ngokwakhe uHaslam, uthi uma ucabanga ukuthi ulinyazwe yi-airbag noma ukungasebenzi kwayo kube nomthelela ekutheni ulimale, kumele uxhumane nommeli ongungoti emacaleni athinta ukulimala futhi osebenza ngokuthi uma enganqobi, akaholi.
“Angabheka icala lakho bese ekusiza ukuhlanganisa ubufakazi, bese eyakumela. Lokhu kungakunika ithuba elingcono lokuthi uthole isinxephezelo esikufanele.”
UHaslam uthi nakhu okungenziwa ngabantu abasebenzisa ama-airbag:
-Amabhande kumele agqokwe abambe umzimba.
-Umshayeli nomgibeli kumele bahlale kahle ezihlalweni zabo.
-Isihlalo sengane akumele sibekwe phambili uma kune-airbag.
-Uma isihlalo sengane sisetshenziswa, i-airbag yomgibeli kumele icishwe.
-Isihlalo somshayeli kumele sihlehle.
-Abashayeli kumele babambe isiteringi kahle ngoba uma i-airbag iphuma izandla ziphambene, ingaziphula.
-Ama-airbag kumele ashintshwe uma eke aphuma noma ngemuva kweminyaka engu-10, uma engasebenzanga.
-Uma inkampani eyakha imoto imemezela ukuthi kumele iyohlolwa, ihambise.