ABAKWAVOLKSWAGEN South Africa baqinisekise isikhathi okuzokwethulwa ngaso iTiguan R neGolf 8 R kuleli.
I-Tiguan R, okuzoba ngokokuqala ukuthi itholakale, izofika ngo-Ephreli bese kuthi iGolf 8 R yethulwe ekuqaleni kuka-2023. Zombili zinenjini efanayo engu-2.0 litre kaphethroli. Inamandla angu-235kW netorque engu-400Nm athunyelwa kuwo wonke amasondo wugearbox oyi-7 speed DSG.
Ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kuthatha iTiguan R imizuzwana engu-5,1 kanti ijubane elikhulu limiswe ku-250km/h.
IGolf 8 R yona ngakolunye uhlangothi kuyithatha imizuzwana engu-4.8 futhi nayo igcina ku-250km/h. Uma ufaka iBlack performance package ene-drift mode ijubane ligcina ku-270km/h.
ITiguan R inamakhava ezibuko aphicwe ngematt chrome, idiffuser emnyama, amaromu angu-20 inch, panoramic sunroof, amasensor asiza uma upaka ngemuva nangaphambili nemibala engu-10 okhetha kuyo.
Ngaphakathi inezihlalo zesikhumba, idigital cockpit, idiscover pro enenkombandlela, wireless app-connect nebhuthi evuleka ngogesi.
Uma uthanda ufaka amatowbar IQ.Light led matrix headlight, Akrapovič exhaust, namathayi awu- 21-inch ohlobo lwe-Estoril, head-up display, indawo yokushaja ngaphandle kwentambo, harman kardon sound system, area view camera system ehambisana nepark assist nepark distance control, ikhamera eveza umzimba wonke, IQ.Drive adaptive cruise control neLane change system, park assist ne-autonomous emergency braking, ne-autonomous emergency braking nefront assist kanjalo nemanoeuvring system ehambisana nepark assist.
Golf 8 R
IGolf 8 R inendawo yokushaja ngaphandle kwentambo, panoramic sunroof, ibhuthi evuleka ngogesi, discover pro enenkombandlela, amarimu angu-19 inch, izihlalo zesikhumba nemibala emithathu okhetha kuyo nokunye kwezobuchwepheshe okusiza nokukuvikelayo emotweni.
Izinto ongazengeza amalambu ayimatrix , i-akrapovič exhaust, irear assist nekhamera eveza ingemuva, iblind spot monitor, rear traffic alert neokunye okuningi.
Intengo izoqinisekiswa uma sesizokwethulwa. Zizofika newarranty yeminyaka emithathu noma u-120 000km, imaintenance plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km ne-anti-corrrosion warranty yeminyaka engu-12.